UMENGAMELI waMaZulu Football Club, uSandile Zungu ugonyuluka ngokuqaqamba kwenhliziyo akuzwe ngesikhathi bephunyukwa yindebe yeMTN8 phambi kweSilo, uMusizulu kaZwelithini.
NgeSonto, uSuthu luzoqala olunye uhambo lokuzama ukunqoba isicoco njengoba luzobhekana neTornado yase-Eastern Cape, emdlalweni oqala ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
USuthu laya kulo mdlalo emakhulu amathemba okuthi luzoliqeda ishobolo leminyaka ewu-30 lwagcina ukuphakamisa inkomishi.
Lwagcina ukuyinqoba ngo-1992 luphakamisa lendebe kuseyiCoca Cola Cup ngo-1992 lusacijwa nguClive Barker lwehlula iKaizer Chiefs ngo 3-1.
Ngesikhathi amaZulu eshaywa ngeZimnyama, eMabhida, bekukhona ngisho iSilo, owayengumengameli wakuleli, uJacob Zuma. Ngaphezu kwakho konke, bonke abalandeli baMaZulu nezakhamuzi zaKwaZulu-Natal bebephume ngobuningi.
UZungu uveze ukuthi akakabukhohlwa namanje ubuhlungu abuzwile bephucwa indondo yeMTN8 emlonyeni njengoba ayesethembile ukuthi lizofezeka elinye lamaphupho akhe selokhu ethathe izintambo kuMaZulu.
"Yebo, ukufika kwethu kowamanqamu eMTN8 kusijabulisile. Ngaze ngasho ngaphambi komdlalo wamanqamu ukuthi noma kungenzekani kodwa sasesifana nabantu asebenqobile. Ukuhlulwa phambi kweSilo, owayengumengameli wakuleli uZuma naphambi kwezinkumbi zabalandeli bethu kwayihlukumeza kakhulu inhliziyo yami," kubeka uZungu.
Uqhube wathi njengoba ngeSonto beqala uhambo lweNedbank Cup unethemba lokuthi sizobasebenzela isipiliyoni sokufinyelela kowamanqamu eMTN8.
"Kulo mqhudelwano ngamasizini edlule besinebhadi lokutonyulwa namaqembu amakhulu. Ngesizini ka-2021-22 saqhathwa ne-Orlando Pirates eyasishaya ngengciciyela ka-1-0 omude. Kweka-2020-21 saqhathwa ne-Arrows (Lamontville Golden Arrows) esadlula kuyo kumaphenathi.
Nakuba ngazi kahle ukuthi lo mqhudelwano udume ngokuthi ofishi abancane bajwayele ukudla abakhulu, kodwa kuyangithokozisa ukuthi siqhathwe neqembu elidlala esigabeni esincane.
Ngibatshelile abafana bami ukuthi bangayeyi iTornado ngoba ingabamangaza. Bheka ukuthi iDondol (Stars) iyenzeni iSuperSport (United). Ngiphinde ngabatshela abadlali bami ukuthi iTornado bayishaye ingaphinde ifise ukuqhathwa nathi".
UZungu uveze ukuthi unethemba lokuthi bazosonga iligi besemaqenjini aya-e-Afrika. Njengamanje uSuthu lukweyesithupha ngamaphuzu awu-24.