UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, uthi akazimisele ngokusayinisa abadlali abazofika kuleli qembu kutholakale ukuthi abekho esimeni esifanele.
Uthe lesi sizathu senza kube semqoka ukuthi abadlali ababili abamataniswa naleli qembu kuzomele bahlolwe kabanzi ngodokotela (medical test) ukuze kutholakale ukuthi bayimiqemane ngempela.
Laba badlali abakhonjwa kuMaZul, uVictorien Adebayor waseNiger noYakhouba Gnagna Barry waseGuinea.
Selokhu kuqale isizini ka-2023/24, uSuthu kalukanqobi nowodwa umdlalo. Lubambane ngeqanda neRoyal AM, SuperSport United neRichards Bay.
Umqeqeshi walo, uPablo "Cijimpi" Martin usezwakalise ukukhathazeka ngalesi simo. Ucashunwe izikhawu eveza ukuthi balindele kutheleke u-Adebayor obegadla kwiRS Berkane yaseMorocco. Lo mgadli ubesavinjwe inkinga yokungalungi kwamaphepha amvumela ukuza kuleli.
Ezinsukwini ezedlule, kube sekuvela nokuthi kuzotheleka noBarry obedlala ohlangothini lwesokunxele kwiHoroya yakhona eGuinea. UZungu utshele Isolezwe ukuthi uBarry utheleke kwelikaBhanana ngoLwesibili.
Uthe ufike wabe eqala ukuhlowa ngodokotela okuqhubeke kwaze kwaba izolo. Lesi sikhulu sithe kasilingabazi ikhono u-Adebayor noBarry, nokho ukuze bangene ngokuphelele emabhukwini oSuthu, kuzomele kube wukuthi baphile saka.
"Okwamanje laba badlali besingakabasayinisi ngokuphelele. UBarry uqale ngoLwesibili waqeda ngoLwesithathu ukuhlolwa. Yimiphumela yodokotela ozocacisa ukuthi ugcina ngokusayina noma cha. Ngesifanayo naku-Adebayor.
“Ngenxa yokunganaki sengibone amaqembu amaningi esala nenkingeni ngenxa yokusayinisa abadlali abengazi ukuthi balimele. Lesi simo sigcina sifake iqembu kwenkulu inkinga. Lilahlekelwa imali eningi, liholela abantu obangalisizi ngalutho," kubeka uZungu othe unethemba lokuthi laba badlali bazotholakala bephila saka.
Uqhube wathi akangabazi ukuthi uSuthu bazolubeka kwelinye izinga.
Abaningi uBarry bazomkhumbula ngokuba iphela endlebeni ngesikhathi iHoroya idlala naMaZulu FC ku-Group B weCaf Champions League ngesizini ka-2021/22.
Womabili la maqembu agcine ehlulekile ukudlulela esigabeni somkhumulajazi.
Uma konke kuhamba ngononina, phambili uBarry no-Adebayor bazobanga ijezi noBongi Ntuli, Augustine Kwem, Junior Dion, Victor Letsealo, Msindisi Ndlovu noLindani Shange.
UZungu uveze ukuthi kule minyaka ekuMaZulu uthole ukuthi kusayiniswe inqwaba yabadlali abebengakulungele ukuwadlalela.
"Singibone lukhulu, kule sizini ngiyakhuculula. Kunabadlali ozibuzayo ukuthi basayiniswe kanjani ngoba abekho ezingeni leqembu. Lokhu sekusidle izindodla. Sengithathe isinqumo sokuba yingxenye yokusayiniswa kwabadlali. Uma nginganeme ngalowo ofunwa ngabaqeqeshi ngeke angene emabhukwini ethu. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi leli qembu liyahlonipheka, lidlalelwa ngabadlali bezinga elifanele.“
NgoMgqibelo, uSuthu luzodlala neKaizer Chiefs ngo-5.30, eFNB Stadium. UZungu uthe kumele banqobe noma kanjani.
"Akungikhathazi ukuthi asikanqobi futhi asikashayi igoli. Isaqala isizini, uma ubheka indlela esidlala ngayo sizobanjwa kude. Singakukhohlwa nokuthi asikangenelwa igoli kule midlalo emithathu edlule,“ kuphetha uZungu.