UBONA amaProteas engalusebenzisa uchungechunge lweT20 ne-India ukuthoba amanxeba okunqotshwa yileli qembu kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yanonyaka oseke wagijima eqenjini lesizwe, uKhaya Zondo.
La maqembu agcina ukududulana kowamanqamu owawuseKensington Oval, eBarbados, ngoJuni. Lowo mdlalo wanqotshwa yi-India ngama-run ayisikhombisa.
UZondo uthe nakuba lolu chungechunge lwemidlalo emine luzobe lungumqhudelwano ohlukile kodwa kungakubuyisa ukuzethemba eqenjini lakuleli ukuziphindiselela.
Umdlalo wokuqala uzodlalelwa eHollywoodbets Stadium ngoLwesihlanu ngo-4.30 ntambama.
Ukaputeni u-Aiden Markram uzohola iqembu elinabadlali abanamava njengoDavid Miller, Heinrich Klaasen, Keshav Maharaj, Marco Jansen, Gerald Coetzee nabanye.
“Kuzoba wuchungechunge olukhulu kakhulu uma kubhekwa izinga lalawa maqembu. I-India yashaya iNingizimu Afrika kowamanqamu lapho kwaba khona ukuphikisana ngebhola elanqakwa ngendlela engaqondakali seleqe umugqa. Noma seyadlula iNdebe yoMhlaba kodwa ithuba lamaProteas lokuziphindiselela,” kusho uZondo, ozobe eyingxenye yabazohlaziya le midlalo kwiSuperSport TV.
“Yonke imidlalo ibalulekile ochungechungeni kodwa owokuqala yiwona ovula indlela. Uma usunawo lowo mgqigqo omuhle izimbangi kusuke sekufanele zibhukule ukuze zizame ukubuya.
“Imidlalo ephakathi kwamaProteas ne-India eThekwini ihlezi inesasasa. Womabili amaqembu anabashwibi abasezingeni eliphezulu nababhethayo abayingozi. Sinabadlali abakwaziyo ukushaya ibhola liphumele ngaphandle kwenkundla, nabo futhi bahlome ngendlela efanayo.”
Isikwati samaProteas sihlanganise nabadlali ababili abangakaze badlale eqenjini lesizwe, u-Andile Simelane noMihlali Mpongwana. UZondo, owadlalela amaProteas okokuqala ngo-2018, uthe kuhlezi kusho lukhulu ukumela izwe okokuqala.
“Kungafezeka iphupho kumfana onjengoSimelane ukuthi adlale umdlalo wakhe wokuqala kwelesizwe libhekene ne-India, okuyizwe elikhulu kwikhilikithi. Lelo thuba aliveli njalo futhi ngiyethemba ukuthi abaqoki bazomnika lelo thuba lokuthi adlalele amaProteas okokuqala phambi komndeni wakhe,” kusho uZondo.
“Njengoba eyazi inkundla nezimo okuzodlalwa ngaphansi kwazo lokho kungenza umdlalo wakhe wokuqala ube lula futhi kusize neqembu. Yebo, uvalo luyaba khona uma usalindele ithuba kodwa uma usulishwibile noma ulishayile ibhola lokuqala kuyabuya ukuzethemba.”
Umdlalo wesibili uzodlalelwa eGqeberha ngeSonto, owesithathu eCenturion ngoNovemba 13 bese kuthi owokugcina ube seGoli ngoNovemba 15.