Uzoqaliswa eqenjini leDStv Diski Challenge umgadli, uBoitumelo Radiopane, okubhekwe ukuthi atakule iCape Town Spurs esenkingeni yezembe kwiDStv Premiership.
ISpurs iyibambe emsileni we-log yePremiership ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo engu-16. Isele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiRichards Bay FC esendaweni ka-15 ngamaphuzu angu-13.
Leli qembu eliqashe umqeqeshi u-Ernst Middendop ukuze alikhiphe otakwini, linenkinga yokushaya amagoli. Lishaye angu-11 kuphela futhi lishaye ambalwa kunawo wonke amaqembu kwiPremiership. Ukugqoza kwamagoli sekuholele ekutheni abaphathi beSpurs bathungathe abagadli njengoba kuvulwe iwindi lePremier Soccer League (PSL) lokubhalisa abadlali.
URadiopane, obolekwe kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule ngemuva kokushaya into ecokeme kwiDiski, kuqale isizini elimele. Nokho iSpurs ikuqinisekisile ukuthi useluleme futhi useqalile ukuziqeqesha. Imenenja yeqembu, uShoes Mekuto, ithe nakuba bemdinga uRadiopane akakakulungeli ukudlala kwiPremiership.
“URadiopane useluleme ngokugcwele futhi useqalile ukuziqeqesha neqembu kodwa okwamanje sizomnika imidlalo emithathu eqenjini leDiski Challenge ukuze abuyele ezingeni lakhe. Uzodlala esikimini esikhulu ngoFebhuwari nokuyisikhathi okuzobuya ngaso imidlalo yeligi. Ngokwami ukhandleke kakhulu, edlala imidlalo eminingi ekubeni ubesemncane. Manje useneminyaka engu-21 futhi ngicabanga ukuthi umzimba wakhe usuzokwazi ukumelana nemidlalo eminingi enzima. Ungumgadli omuhle futhi ozolisebenzela iqembu,” kusho uMekuto.
Nakuba idonsa kanzima iSpurs kodwa kukhona abadlali asebexoshwe nguMiddendorp. Kulaba badlali kukhona uSurprise Ralani ojoyine leli qembu esuka kwiMamelodi Sundowns nonozinti uSam Ramsbottom otshelwe ukuthi ngeke esaphinde adlalele iSpurs noma engaqhubeka aziqeqeshe nayo. Emasontweni adlule, iSpurs iqoke ukungamsayinisi uSiyabonga Mbatha obekubhekwe ukuthi athathe indawo kaRamsbottom. Ngaphandle kokuhluleka ukushaya amagoli, iSpurs isingenelwe ngamagoli angu-33 emidlalweni yePremiership.
Imidlalo yangempelasonto yeDStv Diski Challenge:
NgoMgqibelo: Kaizer Chiefs v Chippa United (Tsakane Stadium, 1pm)
SuperSport United v Stellenbosch FC (Tsakane Stadium, 3pm)
NgeSonto: TS Galaxy v Polokwane City (Tsakane Stadium, 1pm)
Orlando Pirates v Mamelodi Sundowns (Tsakane Stadium, 3pm)
Cape Town City v Golden Arrows (Malta Park, 10am)
Cape Town Spurs v Richards Bay (UWC Stadium, 10am)
AmaZulu v Royal AM (Chatsworth Stadium, 12pm)
Moroka Swallows v Sekhukhune United (Dobsonville Stadium, 12pm)