KULINDELEKE aqale ukuziqeqesha neqembu kungekudala umdlali we-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, ngemuva kokutholakala engenankinga.
Lezi zindaba ziqinisekisiwe yiPirates ngesitatimende ngoLwesibili. Lo mdlali wawa ngoMgqibelo iqembu lidlala neHungry Lions koweNedbank Cup Last 16, e-Orlando Stadium.
Ngemuva kokukhahlela ibhola esusa umhlola ekhaya, uMakhaula wabonakala ewa ebamba esiswini, okwalandela ngokuthi abe nokudlikiza, wase ekhishwa ngohlaka waphuthunyiswa esibhedlela esafakwe nesifonyo sokusiza ukuphefumula.
“Selwenziwe lonke uphenyo olufanele futhi umdlali usekhishiwe (esibhedlela) ngemuva kokuxhumana nongoti. UMakhaula kulindeleke ukuthi abuyele ekuziqeqesheni ngoLwesithathu ngemuva kokuhlolwa yithimba lezempilo lePirates,” kusho isitatimende esifakwe kwi-website yeqembu.
Umdlali uthe uzizwa ewumqemane njengoba ebesayalelwe ngodokotela ukuthi aphumule.
IPirates izobuyela enkundleni ngoMashi 30, lapho izobe idudulana neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership.