ABADLALI asebenokhakhayi oluqinile kwiBafana Bafana, bawukhiye ekunikeni umqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos, amaphuzu ayisithupha aphupha ngawo kwemibili neCongo-Brazzaville.
Lokhu kutshelwe ithimba leSouth African Football Association (Safa) labezindaba, nguThapelo Morena, obekhuluma nalo ngaphambi koka-Group K neCongo-Brazzaville wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) namuhla ngo-7 ebusuku, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
UBroos ubatshele emehlweni abadlali bakhe ukuthi ubheke amaphuzu ayisithupha kwabazoyidlala neCongo ekhaya namuhla, nasekuhambeni ngoLwesibili.
IBafana izozibekisela indawo kwi-Afcon eseMorocco ngoDisemba wonyaka ozayo, uma siba impumelelo isifiso sikaBroos yize kuzobe kusasele imidlalo emibili ku-Group K.
UMorena ongomunye wabadlali okubhekwe ukuba basize, uRonwen Williams, ukuhola iBafana kule midlalo emibili, uthe konke kusezandleni zabo.
“Zonke izinhlelo zomdlalo zihamba ngokohlelo futhi sesinalo lonke ulwazi ngeqembu esizobhekana nalo,” kusho uMorena.
“Okusobala ukuthi silehlisile izinga kusukela sidlale kahle kwi-Afcon okufakazelwa yisibalo samagoli angena ngakithina.
“Akusihleli kahle lokhu singabadlali kangangokuthi siyabhunga ngakho. Kuhlale kuseqhulwini kithina ukuhlonipha isitha kodwa kulokhu siphoqelekile ukuba nendluzula ikakhulu ngoba sidlalela ekhaya kuqala.
“Akufihliwe ukuthi singenza kangcono ngamathuba esiwatholayo kodwa ukhiye usekutheni thina badlali esesinesikhathi siseqenjini, siqinisekise ukuthi siyehla isibalo samagoli angena ngakithina,” kusho uMorena.
Ukubuya kukaWilliams obelimele kufanele kuluzinzise udonga lwasemuva ngoba imidlayo ye-Uganda, neSouth Sudan idlalwe, Veli Mothwa noSipho Chaine, amapalini.
Kusemqoka ukuthi iqhubeke ifomu kaLyle Foster, yakwiBurnley ngoba uthole amathuba amaningi ngokwedlule kodwa amehlula.
Indawo ebhekwe kakhulu isesiwini lapho uTebogo Mokoena, owagcina ukudlala ngenyanga edlule kunguyena kuphela umdlali owumqemane.
USiphephelo Sithole ulimele, uJayden Adams, uxoshiwe ekhempini yeBafana ngabakuchaze njengokuziphathi kahle.
Ithuba lokudlala likuLuke le Roux, uma kuzoya ngokwezinkulumo zikaBroos zangesonto eledlule.
Khona namuhla ngo-6 ntambama, i-Uganda izokwamukela iSouth Sudan komunye ka-Group K, eNelson Mandela Stadium, eKampala.