UJABULELA ithuba lokuqala kabusha nokudlala ngokukhululeka umgadli omusha weLamontville Golden Arrows, uKagiso Malinga.
Lo mdlali (29) ongomunye wabayinqwaba abadedelwe yiMoroka Swallows, usayiniswe Abafana Bes’thende ngenyanga edlule.
Wajoyina iziNyoni ngo-2019 esuka kwiSuperSport United, wasiza iqembu ukuthi likhuphukele esigabeni esiphezulu ngokuhlohla amagoli angu-12 emidlalweni engu-24. Kule sizini usedlale imidlalo engu-13 yeligi engayibhakuzisi inethi.
Izinkinga zemali zakamuva zeSwallows ziholele ekutheni kube nokushayisana phakathi kweqembu nabadlali mayelana nokukhokhwa kwamaholo sesidlulile isikhathi. Lokhu kuholele ekutheni leli qembu lingalubhadi emidlalweni emibili obekufanele liyidlale ngoDisemba.
UMalinga uthe ubonga ukuthi izinsuku zokukhathazeka sezidlulile futhi unethemba lokuthi usezokwenza kangcono nasenkundleni.
“Kuzwakala njengesiqalo esisha kimina. Ngikhululekile emoyeni. Ngiyajabula ukuba lapha (kwi-Arrows). Ngibonga ukuthi ngiphumile esimweni esinzima ebengikuso. Kubanzima uma ungakutholi lokho okulindele. Uma ukhathazekile ngesimo sasekhaya nakanjani uyaphazamiseka umdlalo wakho. Awungeni enkundleni unomqondo omuhle,” kusho yena.
Njengoba i-Arrows ilungiselela ukuqhubeka nemidlalo yeDStv Premiership ngesonto elizayo, uMalinga uthe uzizwa esekhaya eqenjini lakhe elisha futhi kusho lukhulu ukuqeqeshwa nguMabhuti Khenyeza, owayengalibheki ipali ngesikhathi esadlala.
“Sizilolonga kanzima ngoba sifuna ukubuya ngonyawo oluhle njengoba imidlalo izoqhubeka. Ngidinga ukuzimisela, ngishaye amagoli ngiphinde ngakhele nozakwethu amathuba. Yingakho iqembu lingilethe lapha, liyazi ukuthi ngingakwazi ukwenza lezo zinto,” uqhube kanje.
“Konke kuhamba kahle. Umqeqeshi uyangicebisa ukuthi nginyakaze kanjani ukuze ngiphume isikhala. Ungitshele nokuthi ngehlise umoya phambi kwamapali ngoba uma sixhamazela ebhokisini siyawamosha amathuba.”
Ngaphandle kukaMalinga, i-Arrows iqinise isikwati sayo ngokusayinisa abadlali ababili baseZambia, isitobha uJohn Mwengani nomgadli uMoyela Libamba kanye noThokozani Lukhele obekwiJDR Stars, odlala kwesokudla emuva.
UKhenyeza unethemba lokuthi laba badlali bazosiza ekufukuleni iqembu njengoba bese lifa yisibhaxu ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.
“Sizame ngazo zonke izindlela ukuqinisa lapho sibone ukuthi kufanele siqinise khona. Silande abadlali abasezingeni eliphezulu futhi abanamava. Okuhle wukuthi bebevele sebelapha ngesikhathi siqala ukulungiselela ingxenye yesibili yesizini,” kusho uKhenyeza.
"Basebenza kanzima ukuze bazinze eqenjini, nathi sizama ngazo zonke izindlela ukubasiza basheshe bajwayele iqembu kanye nohlobo lwebhola esilidlalayo. Kuningi okuhle abazokuletha eqenjini.”
I-Arrows izobuyela enkundleni ngoLwesithathu lapho izodudulana khona neMamelodi Sundowns eMpumalanga Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.