UMANQIKA ukubuyela kwi-Orlando Pirates umgadli, uZakhele Lepasa, oxoshwe wukukhuhla ibhentsi kweZimnyama.
ULepasa ubolekiswe kwiSuperSport United yiPirates ekupheleni kukaJanuwari, sekusele kancane kuvalwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
KwiPirates ubebhekene nobunzima bokuthola isikimu, ikakhulukazi emuva kokukhuza ibuya kukaKermit Erasmus osayine kweZimnyama esuka kwiMamelodi Sundowns. Izolo, uLepasa utshele abezindaba ukuthi okumenze wacela ukubolekiswa wukuthi ubengadlali.
"Yindawo ehlukile lena. Kodwa engikuthandayo yinkululeko engiyinikiwe nokufunda ngokwenza amaphutha. Ngakho ngizinze kahle futhi ngizama ukusiza iqembu. Yimina ozicelele ukubolekiswa. Iqembu belinqaba, belingafuni inyanga yonke, uJanuwari wonke. Ngicabange ukuthi ngidinga ukudlala ukuze ngizobuyelwa wukuzethemba.
“Ukuya emuva nabaphambili, udlale uphinde ungadlali imidlalo emithathu, uphinde udlale emuva kwalokho ungadlali eminye emithathu... (akungilungele). Awuzazi ukuthi ubhekephi. Yingakho ngicele ukubolekiswa," kusho uLepasa kwisithangami nabezindaba seSuperSport United, izolo.
"Mhlawumbe ukubolekiswa kuzongisiza kodwa iphupho lami akukhona ukudlala kwiPSL impilo yami yonke. Uma kunethuba, noma ngabe likuphi, uma nje lingcono ngingalithatha. Angikacabangi ngokubuyela kwiPirates.
“Okwami wukugxilisa umqondo wami lapha ngoba ibhola lishintsha impilo yakho uma usenkundleni, hhayi ebhentshini, hhayi eqenjini elikhulu. Akusho lutho ukuthi udlala kuphi, inqobo nje uma wenza kahle. Yilokho okungibusayo engqondweni yami. Uma ngibuyela kwiPirates kuyoba yingenxa kaMdali."
KweZimnyama, uLepasa ubebanga ijezi nabanye abagadli okungu-Erasmus, Terrence Dzvukamanja, Ndumiso Mabena, Evidence Makgopa, Eva Nga noSouaibou Marou.
Enkulumeni kaLepasa kuvelile ukuthi ucabange wajula ngekusasa lakhe, wabuka nempumelelo yozakwabo eqenjini lesizwe asebedlala pheshesha kwezilwandle ngaphambi kokucela ukubolekiswa.
"Akukhona ukuziqhathanisa nabanye abantu kodwa uma sonke sikwazi ukudlala eqenjini lesizwe, sibe sendaweni esizonikwa kuyona ithuba lokudlala, iningi lethu lingagcina liwelile ngoba sisekhona isikhathi. Kodwa ngebhadi ngeke ukuthole lokho uma uhlala nezihlwele.
“Uma nginabo laba badlali eqenjini lesizwe, bangitshela into eyodwa ukuthi hamba uyodlala. Hamba uye lapho ozodlala khona. Uma ufika laphaya ungadonsa kanzima izinyanga ezimbalwa noma iminyaka kodwa ungagcina wenza kahle uma usebenza kanzima ngokwanele, "kusho uLepasa.
"Yikho-ke ngicele ukubolekiswa ngoba kwiPirates ngisasalelwe iminyaka eminingi. Ngakho ngicabangile ukuthi kuzokwenzeka into eyodwa yonke iminyaka. Uma kuphela isizini bazoletha abanye abagadli abathathu. Embangweni wejezi ngizohlala ngisezansi. Uhlala usezansi noma uzikhandla. Kodwa wenza iphutha uyaphuma. Ngakho mina akungisebenzeli. Okwamanje angicabangi ngokuphindela kwiPirates ekupheleni kwesizini. Uma kuvula iwindi sizobona ukuthi kwenzekani. Kuzoncika ekutheni yini engiyifunayo."
ISuperSport esendaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership, ngeSonto izokwamukela iLamontville Golden Arrows, eLucas Moripe Stadium ngo-5.45 ntambama.