KUNQUME odokotela be-Orlando Pirates ukuthi iqhubeke nomdlalo weNedbank Cup neHungry Lions ekubeni ingasazi isimo somdlali wayo, uMakhehleni Makhaula, owe enkundleni ngesiwombe sokuqala waphunthunyiswa esibhedlela emdlalweni we-last 16 yeNedbank Cup ngoMgqibelo ebusuku, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Esiwombeni sokuqala salo mdlalo osekungumlando ukuthi iPirates iwunqobe ngo 4-0, kube nemizuzu lapho bekubanjwe khona umoya ngesimo sikaMakhaula owe enkundleni kungekho muntu eduze kwakhe.
Emuva kokususa umhlola ekhaya uMakhaula uwe phansi okuthe uma befika kuyena abosizo lokuqala, wabonakala enyakaza sakuzigoqa, nokuyilapho kubizwe abeza nohlaka bezomthatha.
Kuthathe isikhashana ukuthi (abosizo lokuqala) baneliseka ngesimo salo mdlali oneminyaka engu-34 ngaphambi kokumkhipha ngohlaka enkundleni, esefakwe isigubhu sokuphefumula.
Emuva komdlalo umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, utshele abezindaba ukuthi lo mdlali uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esethembisayo.
“Anginalo ulwazi oluningi ngaphandle kokuthi uMakhaula usesibhedlela ezandleni ezifanele,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
“Okwenzekile sihlale sikubukela kude kodwa namuhla (ngoMgqibelo) kwehlele thina. Bekuyisikhathi sethu sokuthi sikuzwe lokhu esihlale sikubukela kwithelevishini. Akusona isimo okumnandi ukubhekana naso.
“Siyabonga kwabosizo lokuqala ngokusukumela phezulu ngoba ngitshelwe ukuthi isimo sike sibe sibi impela kodwa babuye basibuyisa sangcono.
“Engisazibuza khona ukuthi siqhubeke kanjani nalo mdlalo ngoba besingasazi isimo sikaMakhaula kodwa ngibuye ngikhumbule ukuthi odokotela beqembu yibona abasiqinisekisile ukuthi (uMakhaula) usesimweni esikahle ukuthi singaqhubeka nomdlalo,” kuphetha uRiveiro.
UMakhaula wehlelwa ilokhu nje, usanda kuzikhalela ngokulandelwa ukulimala ngesikhathi esibi lapho bekufanele ngabe ukhombisa khona ukuthi ulandelweni kuMaZulu FC ayedlala kuwona ngaphambi kokujoyina eZimnyama ngesizini ka-2022/2023.
Kusukela kuqale lo nyaka uMkhaula ungomunye wabadlali uRiveiro abasebenzisayo esikimini esiqala imidlalo njengoba esehlelwa yilo mshophi.