ISITOBHA se-Orlando Pirates, uTapelo Xoki, sisonga ngokwandisa izinkinga zeKaizer Chiefs baphinde benze isiqiniseko sokuqhubeka nokungangenelwa amagoli uma la maqembu esetholene phezulu kowomkhaya baseSoweto weDStv Premiership, kusasa ngo-3.30 ntambama, eFNB Stadium.
Ngaphandle kokuthi kuhlale kunesasasa uma kutholene phezulu lezi zinkunzi zaseSoweto kodwa kulokhu okubuye kube isinongo ukuthi eZimnyama zizobe zifuna ukuziphindiselela. Emlenzeni wokuqala Amakhosi anqoba ngo-1-0 wegoli likaYasuf Maart.
Kuyiwa kulo mdlalo iChiefs ephekwa, u-Arthur Zwane, izikhotha amanxeba kulandela ukushaywa yiLamontville Golden Arrows ngo-3-2 ngempelasonto edlule.
Kulo mdlalo uZwane uthwale kanzima, ehhahhamezwa kabuhlungu abalandeli. Kukhona nabebethi akaxoshwe, waphuma enkundleni esephelezelwa abakwasidlodlo.
Kuze kwangenelela uKaizer Motaung Jnr oyiSporting Director, ecela abalandeli ukuthi bambekezelele lo mqeqeshi, iqembu basalakha.
Ngakolunye uhlangothi, iPirates iya kowakusasa ihambela phezulu ngenxa yokuqumba phansi iMaritzburg United ngo-2-1 kodlule.
Uma kuqhathaniswa amarekhodi ala maqembu kule sizini, emidlalweni ewu-20, eZimnyama zisangenelwe amagoli awu-15 bese AmaKhosi angenelwe awu-24.
Nokho ezikaZwane sezivalele phakathi awu-22 kwathi ezikaJose Riveiro zashaya awu-21. URiveiro uzobe engekho ebhentshini edonsa isigwebo sekhadi elibomvu.
Esithangamini sabezindaba sala maqembu ebesiyizolo, eGoli, uXoki uthe kuyabaphoqa ukufaka usawoti esilondeni seChiefs.
"Ngifisa sengathi ngingaliveza iqhinga lethu kodwa ngebhadi ngeke ngilisho. Siyayazi iChiefs lapho ibuthaka khona nalapho iqine khona. Siyifunde sayiqeda, sizongena ngenxeba kuyo. Sithole isikhathi esingconywana sokuyihlelela. Okuzosisiza ukuthi sidlale njengeqembu siphinde silandele nemiyalelo yabaqeqeshi. Njengoba ingenelwe amagoli amathathu kodlule izofuna ukuvuka ngathi. Ngeke ikubone lokho," kubeka uXoki.
Uqhube wathi: "Kungaba yinto enhle uma singangangenelwa ngisho elilodwa igoli kulo mdlalo. Lokho kuzosinika amathuba okunqoba. Ngaso sonke isikhathi senza isiqiniseko sokuthi siyidwala emuva. Sihlale sifuna ukutshengisa izimbangi zethu ukuthi siyiqembu okunzima ukulishaya. Lokho kusisiza kakulu.“
Okunye okuyisinongo salo mdlalo ukuthi amaphuzu amathathu la maqembu azoqinisa amathuba okuyodlala kwimiqhudelwano yeCaf ngesizini ezayo.
EZimnyama zilele kweyesithathu ngamaphuzu awu-33, iChiefs bese iba kweyesihlanu ngawu-28.
Kulo mdlalo kuzoba okokuqala uXoki ebhekene ngeziqu noSiyethemba Sithebe abebedlala naye oSuthwini. Emlenzeni wokuqala, uSithebe walithola ithuba lokuzwa owomkhaya. UXoki wayehleli ebhentshini. Lesi sitobha sithe kuzophela ubungani phakathi kwabo.
"Sizokhuluma emuva komdlalo naye. Ngaphambi komdlalo ngisamthathisa okwesitha. Kuhlale kumnandi ukubhekana nomdlali enike nayibamba ndawonye eqenjini elilodwa. SisekuMaZulu bekuba ongaphansi nongaphezulu ejimini phakathi kwami naye. Manje sesizobhekana ngeziqu zamehlo emdlalweni wangempela," kusho uXoki.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: SuperSport United v Maritzburg United (Lucas Moripe Stadium).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium).
Ngo-5.30pm: Sekhukhune United v Cape Town City (Peter Mokaba Stadium); Richards Bay FC v Stellenbosch (King Zwelithini Stadium).
Ngo-8pm: AmaZulu v Royal AM (Moses Mabhida Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Chippa United v Swallows (Nelson Mandela Stadium).