OMUNYE wokaputeni baMaZulu, uTapelo Xoki, ufuna ibatha abaqale ngalo balivimbe ngomdlalo weSwallows FC ababhekana nayo kowesibili weDStv Premiership eJonsson Kings Park ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.
Igcina iSwallows ukuvakasha eKings Park, iguqe ngo 1-0 ngoJuni nokho njengamanje isesimeni esingcono kabi ngokomqondo ukunoSuthu kwazise ikumasemifinal eMTN8 kanti inqobe nomdlalo wayo wokuvula weligi.
Usuthu lona ngakolunye uhlangothi, ukuzethemba kwalo kuzacile ngemuva kokukhishwa yiCape Town City kwiMTN8 nokuvula ngenduku ivela kwiMamelodi Sundowns kweyeligi.
“Asiqalanga neze kahle sihlulwa ekuhambeni kodwa manje sibuyele ekhaya enkundleni esiyijwayele. Emdlalweni wasekhaya akumele kube nezaba, siyijwayele inkundla futhi siyakuthanda ukudlala kuyo,” kusho uXoki.
Mayelana nomdlalo weSwallows, uthe:
“Wumdlalo okufanele siwunqobe ngayo yonke indlela, asikwazi ukulahla amanye amaphuzu.
“Umdlalo wokugcina esiwudlale la (eKings Park) besibhekene nayo iSwallows futhi sanqoba. Ngakho sifuna ukuqala inyathuko yethu kule nkundla ngenothi eliphezulu. Kuzofanele sibe nokuzethemba nokuzinikela.”
Maduze Usuthu, oluqede endaweni yesibili kwilog, luzoqala imidlalo yeCaf Champions League.