AYIKHO into ejabulisa nekhuthaza abadlali be-Orlando Pirates njengokwazi ukuthi uma bekwenza ngendlela konke okufanele bakwenze, banawo amava nethalente lokumelena neMamelodi Sundowns baze bayehlule.
Lawa ngamazwi asakuphaka impi ashiwo yisitobha sePirates, uThapelo Xoki, obekhuluma nabezindaba ngesikhathi benza amalungiselelo okubhekana neSundowns kusasa, ngo-3.30 ntambama kwiDStv Premiership eSoweto.
IPirates esele ngamaphuzu angu-29 kwiSundowns, izozama ukuba yiqembu lokuqala ukunqoba kwezikaRhulani Mokwena, ezilokhu zishosholoze njalo kweyeligi kusuka lo mqeqeshi ethathe amatomu njengenhloko yebhentshi eChloorkop.
Kuyaqapheleka-ke nokho ukuthi kulokhu kushosholoza kweSundowns, iPirates iyinenebule ngo-3-0 kowandulela owamanqamu weMTN 8.
Kungenxa yalo mphumela uXoki nozakwabo benokuzithemba ngaphambi komdlalo wakusasa yize iSundowns izidlele kalula amahlanga kwiPirates ngo-2-0 begcina ukubhekana koweligi ngoDisemba 30.
Lokhu kwenza umdlalo wakusasa, kwazise kungenzeke bengabe besahlangana kule sizini, ube ngowamagqubu.
“Uma sizogxila kulokhu esikuhlelile bese sikhuphula umfutho enkundleni yonke, singayishaya iSundowns okufakazelwa wukuthi sikwenzile lokho ePolokwane koweMTN nyakenye,” kusho uXoki.
“Siyazi ukuthi siqhuzuke kuphi ngesikhathi besishaya ePitoli, ngoDisemba, ngakho-ke asizimisele ngokuphonseka esikhinsini esisodwa kaningi.
“Siwuhlaziye kahle umdlalo wethu nabo wokugcina kwasicacela futhi nokuthi siwenze kuphi amaphutha aholele ekutheni silahle amaphuzu.”
UXoki uxwayise ozakwabo ukuba bangalenzi iphutha lokuqapha abadlali bezimbangi ngabodwana.
“ISundowns inabadlali beqophelo eliphezulu inkundla yonke ngakho-ke ukugada umuntu ngayedwana kungazifanela nokuthi siyadlala,” kusho uXoki.
“ISundowns idlala njengeqembu ngakho-ke okumqoka wukuthi sizame ukuyiphazamisa njengeqembu ngaphandle kokuzama ukuvala izihlabani zayo ngazodwana.
“Sinabadlali abahle ngokwethu kanti imiphumela iyavuma kulezi zinsuku ngakho-ke siya kulo mdlalo ngenhloso yokungawuphazamisi umgqigqo wethu omuhle esihamba ngawo.”