UTHOLE ikhaya elisha kwiCape Town Spurs umgadli, uLindokuhle Zungu, oxoshwe ngaMaZulu nyakenye.
UZungu wasoLundi ubengomunye wabadlali abebebukeka benekusasa eliqhakazile kuSuthu, eluqhululela amagoli kwiDStv Diski Challenge.
Nokho ugcine engalitholanga ithuba kwiDStv Premiership.
Ekuqaleni kwesizini AmaZulu anqume ukumbolekisa kwi-All Stars edlala kwiMotsepe Foundation Championship. Nokho i-All Stars imkhombe indlela emuva kwezinyanga ezimbalwa ngenxa yokuhlulwa wukuziphatha.
UZungu ubuyele kuMaZulu kodwa nawo ayinqamula inkontileka yakhe.
"UZungu useKapa. Usayine kwiCape Town Spurs ngaphansi kukaShaun Bartlett. Ubekade esehlale isikhathi eside engalitholi iqembu kusukela exoshwe ngaMaZulu ngonyaka odlule," kusho umthombo.
Umqeqeshi weSpurs, uBartlett, uvumile ukuthi bamsayinisile uZungu ngemuva kokuthi kukhona umuntu othize okhulume nemenenja yeqembu.
"Kuyiqiniso ukuthi simsayinisile uZungu kodwa okwamanje sisamdlalisa eqenjini lethu le-ABC Motsepe League ukuze ezobuyisa amandla," kusho uBartlett.
“Ngesikhathi simhlola, ngimbonile ukuthi uyakwazi ukushaya igoli. Emidlalweni emine useshaye amagoli amathathu.
"Udinga ukudlala ukuze ezoba qatha. Uma eselungile, uzosijoyina lapha kwiChampionship.“
ISpurs isemkhankasweni wokuwina iligi yeChampionship.
Isendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-31 emuva kwemidlalo engu-17.
Isele ngamaphuzu ayisithupha ayisihlanu kwiCastric esesicongweni, enyukele kule ndawo emuva kokugudluza iPolokwane City.
"Sifuna ukuyiwina iligi. Ukuze kwenzeke lokho sidinga ukuwina imidlalo, siqoqe amaphuzu. Sizobhekana nomdlalo ngamunye. Sineqembu eliqinile elingawenza umsebenzi," kusho uBartlett.
Kubadlali beSpurs okubhekwe ukuthi bayithwale bayibeke kwiDStv Premiership kukhona umgadli, uBoitumelo Radiopane obolekwe kwi-Orlando Pirates, Clayton Daniels wodumo kwiSuperSport United, Granwald Scott, Nazeer Allie owawina iligi neBidvest Wits.