IZOKHOKHWA wubuholi obudala imali AmaZulu ayalelwe yiCourt of Arbitration for Sport (CAS) ukuthi anxephezele ngayo umqeqeshi waseSerbia, uJozef Vukusic ngokunqamula inkontileka yakhe eminyakeni edlule.
Ngesikhathi leli qembu lisaphethwe uPatrick Sokhela, ngoSepthemba wango-2019, lasayinisa lo mqeqeshi iminyaka emithathu, ezovala isikhala sikaCacin Johnson.
NgoMashi wango-2020 lamnika ikhefu ngenxa yokuhlulwa yimiphumela. Izintambo zibanjiswe u-Ayanda Dlamini.
Ngo-Agasti, uSuthu lwaqoma ukuchitha uVukusic ngokuphelele. Udaba walufaka kwi-Fifa.
Ekuqaleni kuka-Okthoba, ngawo u-2020, iqembu lithengwe nguSandile Zungu.
Nakuba kungacaci ngenani okumele likhokhwe wuSuthu kodwa emasontweni amabili edlule iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) icaphune ummeli walo mqeqeshi, uKabelo Mashig, eqinisekisa ukuthi icala balinqobile. Uveze ukuthi uSuthu lubekelwe umnqamulajuqu wezinsuku eziwu-30 ukukhokha.
Selokhu kuphume lezi zindaba kunokudideka ukuthi le mali izokhokhwa wubani phakathi kukaSokhela noZungu.
Kuthintwa uZungu ongumengameli woSuthu, uthe izokhokhwa ngabakwaSokhela.
"Izokhokhwa umndeni wakwaSokhela njengokwesivumelwano sethu mhla sithenga iqembu," kushaya uZungu ngamafuphi.
ULunga Sokhela ozalwa nguSokhela nowayeyimenenja jikelele yoSuthu kuxoshwa uVukusic, uthe akacabangi ukuthi akhulumele AmaZulu.
Uthe kunezigatshana eziyimfihlo esivumelwaneni sokuthengiselana abanaso.
Etshelwa ukuthi uZungu uthe kuzokhokha ubuholi obudala, uthe: "Ngeke ngiphawule ngezivumelwano ezenziwa mhla kuthengiselwana iqembu. UZungu unalo ilungelo lokuphawula njengomnikazi weqembu. Akuyona inkinga lokho.“
I-SABC iphinde yacaphuna uMashigo ethi bazoludlulisela phambili lolu daba uma AmaZulu ehluleka wukukhokha.
"Okwamanje sisalinde iqembu likhokhe. Uma lihluleka sizobuyela kwi-Fifa ukuze lijeze. Sizoya nakwi-NSL (National Soccer League) ukuze imali kaVukusic ibanjwe esibonelelweni sanyanga zonke saMaZulu," uMashigo ucashunwe yi-SABC esho kanje.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2018, i-Fifa yaphuca uSuthu amaphuzu ayisithupha ngenxa yokunqamula inkontileka kaPhineas Nambadi waseNamibia ngokungekho emthethweni. Lokhu lwakwenza ngo-2014.
Lo mdlali udaba walufaka kwi-Fifa ngokusizwa iSouth African Football Players Union. Nakuba uSuthu lwake lwahlala isikhathi emsileni kodwa kuleyo sizini lwakwazi ukuvika izembe.