USAFISA ukunikwa elinye ithuba ekuqeqesheni iRichards Bay FC, uVasili Manousakis, okunguyena okuphele isizini esenikezwe umsebenzi wokuhola ithimba labaqeqeshi kuleli qembu ebelingomakoti kwiDStv Premiership.
INatal Rich Boyz iqede isizini ka-2022/2023 sekubanjwe umoya ngenxa yokubhinjelwa yizinto ngesigaba sesibili. Emuva kokuhlala isikhathi eside isendaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership kuvalwa unyaka ka-2022, iqede isizini isisendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-30.
IBay iqoqe amaphuzu ayisikhombisa kuphela emidlalweni engu-16 eyidlale ngo-2023. Igcine ukuwina ngoJanuwari 14 yehlula iMarumo Gallants egcine igawulwe yizembe kwiPremiership.
Ukubhimba kwezinto kwiRich Boyz kuholele ekutheni usihlalo, uJomo Biyela, anikeze uManousakis isikhundla sokuqeqesha abekade esiphethe noPitso Dladla kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Inkontileka kaManousakis, oqale isizini eyiTechnical Director, iyaphela ngenyanga ezayo.
Kulokhu unabanye abadlali okukhona kubona uNtsikelelo Nyauza noLuvuyo Memela bodumo kwi-Orlando Pirates kanti ayikakhulunywa neyokugcina uSiyanda Msane obebolekwe kwiMamelodi Sundowns.
"UMsane uzobuyela eqenjini lakhe njengoNkanyiso Zungu. Isazobhungwa ekaMemela noNyauza abanezinkontileka zonyaka. Nakimina kunjalo. Inkontileka yami iphelile. Angazi kwenzekani kodwa kulungile ngoba akukho ngami. Nginesiqiniseko sokuthi ekugcineni sizofika kuleso sikhathi kodwa obekubalulekile wukugcina iqembu lisesigabeni esikhulu futhi sibuyisele kubantu baseRichards Bay. Manje sekufanele sakhele noma yini ezokwenzeka ngomuso," kusho uManousakis.
"Ngifuna ukuhlala (kwiBay). Ngifuna ukusebenza kwiPSL. Ngibizwe ngo-plumber, ngibizwe nge-electrician nokunye engingakwazi. Kodwa kulungile. Kuyingxenye yokukhula. Ngingathanda ukuhlala ngiqhubeke nokusebenza. Ngifuna ukuqhubeka nomsebenzi. Nginethemba lokuthi kuzoba lapha. Uma kungenjalo, sizobona ukuthi senzenjani uma sekufike isikhathi."
Isifundazwe iKwaZulu-Natal kule sizini ibishaya ngamaqembu ayisihlanu kwiPremiership kodwa alikho nelilodwa elizodlala emqhudelwaneni iMTN 8 ngesizini ezayo. Emuva kokuqala kahle isizini kweBay, kukhule ithemba lokuthi izoqeda ibalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwi-log yePremiership.
UManousakis uthe kuningi okubehlele beyiqembu okubalwa kukhona ukushonelwa ngukaputeni, uSiphamandla "Spepe" Mtolo.
"Besisebenza sijeqeza usihlalo, sijeqeza abaphathi sibheke ukuthi uzosho nini ukuthi sekwanele manje. Kufanele siyincome le ndoda. Iyabekezela. Esikhundleni sokusixosha sonke, ithathe umqeqeshi obebambisene nomunye yamnika isikhundla yedwa. Imiphumela yangashintsha kodwa yaqhubeka nakho. Ngakhuluma naye, ngambuza ukuthi 'unesiqiniseko sokuthi ufuna ukuyenza lento, wathi mqeqeshi ngiyayazi into engiyenzayo'. Bambalwa abantu abangenza leyo nto. Ukubekezela nothando analo ngeqembu (kuyamangaza). Bekufanele simkhokhele ngalokho, senze isiqiniseko sokuthi siyahlala kule ligi," kusho uManousakis.