KUKHUPHUKE ithemba ngamathuba okufika kowamanqamu we-MTN 8 kumqeqeshi waMaZulu FC, uBrendon Truter, kulandela ukubambela kwezakhe iKaizer Chiefs ekuhambeni emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku, e-FNB Stadium.
Lo mphumela ka-0-0, ushiye Usuthu endaweni enhle kwi-log njengoba lubalwa namaqembu ayiqale kahle imidlalo yeligi.
AmaZulu azodudulana neChiefs kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano onentshontsho likaR8 million, kozodlalwa imilenze emibili ngezinsuku nasezinkundleni ezisazomenyezelwa iPremier Soccer League (PSL).
Ngaphandle kokucacisa okuningi, uTruter uzwakale ekuqonda okufanele akwenze kule midlalo yomibili neChiefs, ukuzibeka ethubeni lokufinyelela kowamanqamu.
Ngemuva kwalo mdlalo obuseGoli, iChiefs ebicindezela ngamandla kuwona, lo mqeqeshi uzwakalise injabulo ngendlela abenze ngayo ekubeni bedlala neChiefs ethathwa njengamanye amaqembu amakhulu kuleli.
“Iphuzu ekuhambeni ubhekene neChiefs kufanele kube umphumela owanele ngoba akufanele sikhohlwe ukuthi kuseyiyona le Chiefs esiyaziyo futhi idlala kahle kulezi zinsuku,” kusho uTruter ethimbeni labezindaba loSuthu.
“Yebo, ifomu yakamuva nendawo abahleli kuyona kwi-log ayijwayelekile kodwa ngeke sikuzibe ukuthi badlala kahle kulezi zinsuku ngakho-ke iphuzu eGoli, lanele ngokubona kwami.
“Sizophinda nabo kwiMTN 8 maduze. Ulwazi esilutholile kulo mdlalo weligi lumqoka kithina,” kusho yena sakudweba isithombe sokuthi useyazi ukuthi kufanele enzeni ukuze akhiphe iChiefs.
U-Arthur Zwane opheka Amakhosi, ukhale ngamathuba okushaya amagoli abawayeke kuzona zombili iziwombe.
“Inani la mathuba esiwatholile bekufanele kusebenze okungenani elilodwa ikakhulukazi kwatholwe uKgaogelo (Sekgota) noKhama (Billiat),” kusho uZwane kwiSuperSport.
“Yonke imizamo yaMaZulu besiyihlelele ngendlela futhi ngicabanga ukuthi sikwenze kahle lokho yize kunezikhathi lapho besiwadedela khona ukuthi adlale endaweni engafanele,” kusho lo mqeqeshi.
UZwane uthe sekusele kancane ukuthi sihlangane lesi sikimu seChiefs asifunayo.
“Sisemgudwini omuhle yikhona nje ukuthi uma sekuqala sekuba sengathi kuyahlangana kuvele kuqhamuke izinkinga njengokulimala kwabadlali nezigwebo zamakhadi okwenza sidinge ukuphinde sishintshe isikimu kodwa konke kuyethembisa,” kusho yena.