SITHEMBISO MKHIZE
UKUVUMA ukuzwela ingcindezi ngenxa yokungawini emidlaleni emihlanu edlule kungenzeka kube yisona sizathu esibe wujuqu ekutheni uBrandon Truter azibone esekhonjwa afika ngayo kuMaZulu FC.
Izolo ntambama leli qembu laseThekwini limemezele ukuthi buphelile ubudlelwano ebelinabo noTruter.
“AmaZulu Football Club athanda ukumemezela ukuthi asehlukene nobeyinhloko yabaqeqeshi uBradon Truter,” kusho isitatimende soSuthu.
“Irekhodi likaTruter lithi emidlalweni ewu-19, uwine eyisikhombisa, wadlala ngokulingana eyisikhombisa wahlulwa kwemihlanu. Siyamubonga ngokubambisana (nathi) nokusebenza kanzima simufisela inhlanhla,” kuqhubeka isitatimende.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi AmaZulu ekhale ngaphansi ngo 1-0 kwiRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiership kowomkhaya baKwaZulu-Natal obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
AmaZulu abesehlulwa okwesithathu kulandelana kwiligi. Ngaphambi koweBay, aqunjwe phansi iMamelodi Sundowns, Chippa United, ase edlala ngokulingana neKaizer Chiefs, ahlulwa abanye omkhaya iLamontville Golden Arrows. Agcina ukunqoba kwiligi eshaya iSwallows ngo-Agasti 19.
Imizamo yayizolo yokuthola umengameli woSuthu, uSandile Zungu, ayiphumelelanga njengoba belingaphandlulwa ucingo lwakhe.
Ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini leFifa, uZungu wayetshele Isolezwe ukuthi amampunge eyokuthi bahlela ukuxosha umqeqeshi njengoba iqembu lingayitholi imiphumela egculisayo.
UZungu ekuqaleni wesizini wabeka umbandela wokungena kwiTop 4 kwiDStv Premiership nokunqoba noma indebe eyodwa.
UTruter izolo naye akatholakalanga ocingweni lwakhe.
Nokho ngemuva komdlalo weBay esithangamini nabezindaba ukuvumile ukuthi sekuqala ukuzwela ukungawini kwabo.
"Angijabule neze. Senginengcindezi manje yokuthi noma kanjani ngiyinqobe imidlalo elandelayo. Angiyithandi ngempela le nto eyenzekayo. Sekuyazwela manje. Nginesiqiniseko sokuthi nabalandeli kabakuthandi okwenzekayo,“ kusho uTruter.
Uthe okumphatha kabi wukuthi bahlulwe emidlalweni yomkhaya.
"Okwenza kuzwele kakhulu wukuthi sishaywe emdlalweni womkhaya. Kawuhlulwa emdlalweni walolu hlobo. Siqale sahlulwa yi-Arrows.
“Manje sesishaywa yiBay. NeMaritzburg United yiqembu okungelula neze ukulishaya. Siya emidlalweni ngenhloso yokuyinqoba.
“Kumele silungise izinto ezincane ezifana namaphutha abadlali ngabodwa. Sidlala kahle bese silahle umgqigqo ekugcineni komdlalo.“
UTruter ubuye wazivikela ngokuthi iqembu lakhe liyaxhuga.
"Angiqondile ukweya laba badlali abebeyibambe koweBay, badlale kahle kakhulu. Iqiniso wukuthi kunabadlali abayisikhombisa abangekho.
“Akekho uBongi Ntuli, Gabadinho Mhango, Makhehleni Makhaula, Riaan Hanamub, Veluyeke Zulu, Keagan Buchanan, baningi abangekho. Angikungabazi ukuthi sinabadlali bezinga eliphezulu.“
Lo mqeqeshi unikwe izintambo kuMaZulu ngasekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokuthi ehlukane noBenni McCarthy. Ubambile iqembu lanqoba imidlalo ngaphansi kwakhe, wase egixatshezwa ngenkontileka egcwele ngaphambi kokuqala kwale sizini.
UTruter ushiya Usuthu lusendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu awu-11.
Kolandelayo weligi luzovakashela i-Orlando Pirates ngo-Okthoba 14.
Akushiwongo izolo ukuthi ubani ozobamba izintambo nokho uTruter ubesizwa uSiyabonga Nomvethe ebhentshini.
UTruter iqembu ulifake kowandulela owamanqamu weMTN8 lapho luzobhekana neChiefs kowomlenze wesibili ngo-Okthoba 23.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: SuperSport v Sekhukhune United (Lucas Moripe Stadium).
Kusasa - Ngo-3.30pm: TS Galaxy v Swallows (Mbombela Stadium).
Ngo-8pm: Orlando Pirates v Richards Bay (Orlando Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Stellenbosch v Kaizer Chiefs (DHL Stadium).