SEKUSEDUZE abonakale elihlikihla kwiRichards Bay FC, uSabelo Radebe, emboleke kwiKaizer Chiefs oweqiwa yijezi selokhu efikile kuyona.
URadebe (24) okhulele kwiChiefs, ubolekiswe kwiNatal Rich Boys ngoSepthemba, ngoba kucaca ukuthi okwamanje akanayo indawo esikimini somqeqeshi uNasreddine Nabi.
Ngokusho kukaBrendon Truter oqeqesha iBay, sekuseduze ukuthi uRadebe adlale.
IBay izokwamukela iMagesi FC kowandulela owamanqamu weCarling Knockout namuhla ngo-3 ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
“URadebe uzobonakala maduze elihlikihla enkundleni ngoba useyajwayela. Okuyinkinga kithina ngaye ukuthi laba badlali okufanele abakhiphe esikimini basawenza ngendlela umsebenzi. Izinga lakhe lokuba qatha liya ngokuba ngcono uma uliqhathanisa nasemasontweni amathathu adlule. Ibhadi lakhe wukuthi imidlalo emqoka ngendlela efanayo futhi ithothene ngakho-ke ithuba lokuzama abadlali lincane,” kusho uTruter.
“Kuyathembisa esikubonayo kuyena. Inkinga ukuthi besingakalitholi ithuba elikahle lokumbona emdlalweni wangempela, hhayi kweyobungani. Okunye ukuthi uTlakusani (Mthethwa) noMoses (Mthembu), abanga nabo isikimu basefomini enhle kulezi zinsuku okwenza kubenzima kithina ukubagudluza esikimini. Kwenzeka konke lokhu nje, nemidlalo imqoka ngendlela efanayo yonke yize imiqhudelwano ihlukile,” kulandisa lo mqeqeshi.
UTruter akakungabazi ukuthi baya emdlalweni onzima ngoba iMagesi ishayelwa nguClinton Larsen.
“ULarsen omunye wabaqeqeshi engikhule ngibukela kubona ngakho-ke ngiyabanzi ubunzima engiyobhekana nabo njengoba ngiyodlala neqembu lakhe.
“Unomlando omude kulo mqhudelwano kanti futhi uwumqeqeshi waseThekwini okungenye yezinto ezizomenza afune nakakhulu ukunqoba.
“Nakuba kunjalo kodwa sikholelwa ekutheni itulo lethu lilele ekulitholeni kuqala igoli kulo mdlalo ngoba uma senze lokho maningi amathuba okuthi izinto zihambe ngendlela esifisa ngayo,” kusho uTruter.