UMQEQESHI weRichards Bay, uBrandon Truter, uthi akukho azobakhuthaza ngakho abadlali bakhe ngokuphuma kwiCarling Knockout Cup, kumele bavuke bazithintithe ngokwabo.
AmaNatal Rich Boy adliwe ngo 1-0 wegoli likaGodfrey Mashigo.
Bebefinyelele kulesi sigaba ngokushaya iSekhukhune United neCape Town City.
Kuzokhumbuleka ukuthi nangesizini edlule baphuma kuwo owandulela owamanqamu alo mqhudelwano beshaywa yiStellenbosch.
Ngemuva komdlalo uTruter ukhale ngenqwaba yamathuba ayekwe abadlali bakhe. Ubelokhu ekusho njalo ukuthi uphoxekile, abemakhulu amathemba okuthi kulokhu bazofinyelela kowamanqamu.
"Bekuyisifiso sethu ukuthi siqophe umlando ngokuthi sifinyelele kowamanqamu eCarling Knockout. Besifuna isifundazwe sethu siziqhenye ngathi. Ngebhadi akwenzekanga, siphoxeke kakhulu," kubeka uTruter.
Ebuzwa ukuthi uzobaduduza kanjani abadlali bakhe, uthe kuzomele bavuke bazithintithe ngokwabo.
"Inkinga iqala uma umdlali ezolindela ukuhlale ekhuthazwa umqeqeshi. Uma ungumdlali onjalo kusho ukuthi usendaweni engafanele. Ngingaba umqeqeshi kodwa ngeke ngikufundise konke. Ugqozi, ukuzimisela nokunye kumele kube ngaphakathi kumdlali.
“Kwabanye abadlali ukudliwa akusho lutho. Uma uzohlale ulindele ukuthi umqeqeshi akududuze njalo kusho ukuthi awuyena umdlali ngokuphelele. Sisohlotsheni lomdlalo okumele uhlale unqoba kulo. Iyona ngcindezi abadlali okumele bahlale beyithwele. Aludingakali uhlobo lomdlali ongakwazi ukwenza umsebenzi wakhe uma umqeqeshi eke wathula. Sisuke sijime isonto lonke, sibonisana ngezinto okumele sizenze uma sesidlala. Izinga esidlala kulo liphezulu."
Umdlalo wangempelasonto edlule uphele iBay ingasaphelele njengoba uTlakusani Mthethwa ephume ngekhadi elibomvu sekusele amanenjana unompempe awuqede.
UTruter uphinde wachaza ngesizathu sokungabadlalisi oSabelo Radebe obekwiKaizer Chiefs noThabiso Kutumela osadlale emine kuphela. URadebe akakadlali selokhu efikile.
"Uma uzokhumbula kahle uSabelo akabanga nawo amalungiselelo amahle okuqala isizini. Akazange aye neChiefs uTurkey. Ufike kuthina engakho fithi, sisazama ukuthi abuyele esimweni sakhe. Okuhle ngaye usebenza kanzima. Yilesi sizathu esenza angabonakali okwamanje. Okuhle ukuthi sibheke nasekhefini leFifa. Mayelana noKutumela akukho okutheni, kuya ngohlobo lwabadlali esibadlalisa emidlalweni ethile. Akuyena kuphela, nabadlali abafana noSiyethemba Sithebe kababibikho kwesinye isikhathi," kubeka uTruter.