UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ubadonse ngendlebe abadlali bakhe ngobungozi bukaClinton Larsen opheka iMagesi FC abazobhekana nayo kowamanqamu weCarling Knockout ngempelasonto.
ISundowns izogadulisana nomakoti iMagesi eToyota Stadium, eFree State, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Kuzoba wumdlalo wamanqamu wokuqala kaMngqithi eqeqesha iSundowns ngokuzimela okuyisikhundla asigixatshezwe ekuqaleni kwesizini ka-2024/2025.
Nakuba kubhekwe ukuthi AmaBrazilians ayiwine iCarling kodwa uMngqithi ukubeke kwacaca ukuthi ngeke amthathe kancane uLarsen ngenxa yolwazi lwakhe nangezinto azenza kwiSundowns eminyakeni edlule. ULarsen waphuca iqatha emlonyeni iSundowns eyishaya kowamanqamu weCarling isabizwa ngeTelkom Knockout eqeqesha iBloemfontein Celtic ngo-2012.
“Ngihlala ngibahlonipha abaqeqeshi abaqeqeshe kuwona wonke amazinga ebhola ngoba abakhulumi ngento abangayazi kodwa badlula kuyona. Abantu abaningi bahlale bekhuluma kakhulu ebholeni kodwa abakaze bakuzwe ukuqeqesha ezindaweni ezingenalutho okuzokuzisa ngokomsebenzi wakho kodwa kulindeleke ukuthi uwine. Uhambo lukaClinton ebholeni luyafana nolwami. Ngicabanga ukuthi useqeqeshe kuwona wonke amazinga ebholeni kumaLFA, enkulisa, SAB League, ABC Motsepe nakuNFD. Uma ekhuluma ngihlala ngilalela ngoba ngiyazi ukuthi akuphumi nje kuphela olwazini kuphela kodwa nasebuhlakanini. Ngiyakuhlonipha kakhulu lokho,” kusho uMngqithi.
“Ngizoya kulo mdlalo ngazi ukuthi ngizobhekana nomqeqeshi ongazithelile ngabandayo, uzama ukuthola izixazululo zokumelana nento abantu abacabanga ukuthi iyimfivilithi futhi uhlala enza kahle. Ngibatshelile abadlali bami lezi zindaba ngoba ngifuna bazi ukuthi ngeke badlale nanoma yimuphi umqeqeshi. Ngesikhathi ekwiBloemfontein Celtic, ngicabanga ukuthi kwakungamasizini ami okuqala lapha, wasikhipha kwiMTN8 ngamagoli ayisihlanu ngoba sasizikhukhumeza, sasicabanga ukuthi akusifanele ukungenelwa ngamagoli. Aqhubeka ukungena amagoli, sathi siphaphama kwase kuwu 5-0. Uyena futhi lo mqeqeshi owawina le ndebe eyayisabizwa ngeTelkom ngaleso sikhathi esaqeqesha iCeltic.”
UMngqithi uthe amalungiselo omdlalo ahamba kahle nakuba kade beziqeqesha ngaphandle kwenqwaba yabadlali bakhe abebesemaqenjini esizwe abeqedela imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025. Lo mqeqeshi uzwakale ekuqonda ukuthi kubhekwe ukuthi bazidlele amahlanga kwiMagesi edlule kwi-Orlando Pirates endleleni ebheke kowamanqamu.
“Ngokwami lena iyona imidlalo ejwayele ukubanzima. Angixegisi uma ngenza amalungiselelo ngoba uma bonke abantu belindele ukuthi uwine, yileyo imidlalo enzima kakhulu. Uma uwina kuba yinto enganakwa kodwa uma wehluliwe kuba yinto enkulu,” kusho uMngqithi.