NGESIKHATHI uHugo Broos ethulwa njengomqeqeshi weBafana Bafana e-Auckland Park, eGoli ngoMeyi 5, 2021, akukuningi okwakwaziwa ngaye ngabathandi bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika.
Into eyagqanyiswa ngaye wukuthi wayengumqeqeshi owadla indebe ye-Africa Cup of Nations (Afcon) neqembu lesizwe laseCameroon eGabon ngo-2017, ngesikwati esasingenazo izihlabani ezazaziwa ngaleso sikhathi. Wayezothatha izintambo kuMolefi Ntseki owayesenuka iqaqa kubalandeli.
UBroos owafika iBafana isebumnyameni, useyiphendule isithandwa sabalandeli ngendlela eyagcina ukwenzeka kusaphila uNelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala weNingizimu Afrika yentando yeningi. Ngesikhathi sikaMadiba, iBafana yabajabulisa abalandeli yaze yawina ne-Afcon ngo-1996.
Nokho ngemuva kwalokho, ngaphansi kwabaqeqeshi abehlukene, iBafana iphenduke ihlaya ebholeni lase-Afrika ngokwehluleka ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni emikhulu. Lokhu kuholele ekutheni kuqhele nabalandeli ngenxa yokuphelelwa yithemba ngeqembu lesizwe.
Ngaphansi kukaBroos, seliqale phansi isasasa lokweseka iBafana. Lokhu kubonakala ngendlela ezigcwala ngayo izinkundla uma idlala okuyinto ebisifana nephupho kubadlali.
Uma ibekwa eceleni eyokunyatheleka amakhona kwabathile kukaBroos ngendlela ayewabhadlaza ngayo amaqiniso ayeveza ubuhlathi kwiSouth African Football Association (Safa) nePremier Soccer League (PSL) ngesikhathi ethatha lo msebenzi, kwasala kancane ukuthi afake iBafana kwiNdebe yoMhlaba ka-2022, eQatar. Nyakenye, iBafana ibuye nendondo yethusi ingabhekiwe kwi-Afcon ebise-Ivory Coast.
Njengamanje iqembu likaBroos linengqayizivele yethuba lokuzifaka ngezithukuthuku zalo kwiNdebe yoMhlaba ezokuba se-USA, Canada naseMexico ngonyaka ozayo.
Ngokujwayelekile kufanele ngabe seliqalile itwetwe, kushaywa izibalo, kodwa iBafana kaBroos iqhwakele eqoqweni futhi abalandeli bayo abakungabazi ukuthi izongena endizeni ebheke kwelikaDonald Trump maphakathi nonyaka ozayo.