UKUWOLA izindondo ezimqoka kumaPremier Soccer League (PSL) awards ngeke kumenze anethezeke kumbe ehlise umgqigqo, uPatrick “Tito” Maswanganyi, olihlikihla esiswini kwi-Orlando Pirates.
UMaswanganyi ofike kwezwakala kwiPirates ekubeni kuyisizini yakhe yokuqala, wethembise lokhu ngesikhathi ekhuluma nabaxhasi baleli qembu, abakwaSuperSportBET, ahambe nabo ukuya eSpain ukuyokwenza amalungiselelo okuqala kwesizini entsha.
Ngesikhathi esayina kwiPirates uMaswanganyi akekho obembheke ekutheni ekupheleni kwesizini uyobe esebalwa nabanye babadlali abaphambili kwiligi.
Indlela afike wagqama ngayo lo mdlali waseTembisa, akuzange kubonakale nokuthi iPirates ishiywe omunye wabadlali bayo abebephambili, uThembinkosi Lorch, osekwiMamelodi Sundowns.
Kusukela iqala isizini edlule, uMaswanganyi uyihole njengesibani iPirates okufakazelwa imiklomelo yakhe yeDStv Premiership Midfielder of the Season, DStv Premiership Player’s Player noweNedbank Cup Player of the Tournament ayiqoqa ngosuku i-PSL eyayiklomelisa ngayo abenze kahle ngenyanga edlule.
“Kungenza ngizizwe ngihloniphekile ukuthi sengibukwa njengomunye wabadlali abamqoka kodwa iqiniso ukuthi lokhu bekungeke kwenzeke ngaphandle kokuboshelwa umqeqeshi nokubambisana nozakwethu,” kusho uMaswanganyi.
“Lokhu kwesekwa engikutholile njengoba ngigcine ngihlabana ikhona futhi okuzokwenza ukuthi ngingazithambisi ngoba ngibuswa ukuthi sengiyahlonishwa.
“Ngiyaqonda ukuthi imiklomelo yalolu hlobo ihamba nokuthi kulindeleke okungaphezulu kodwa anginalo uvalo ngenxa yabadlali abangizungezile,” kuqhuba yena.
Sekujwayelekile ukuthi abadlali abawole imiklomelo yePSL bashabalale ngesizini elandelayo. Lokhu kuphinde kwabonakala ngozakwabo kaMaswanganyi, uMonnapule Saleng, obengabonwa esikimini sePirates emidlalweni eminingi ngesizini edlule. Ngesizini ka-2022/2023, uSaleng wawina umklomelo weMTN 8 Last Man Standing noweDSTV Premiership Players' Player Of The Season.
UMaswanganyi wayekhona eqenjini lePirates elaliseSpain ngesizini edlule kodwa wayesanda kulijoyina, esuka kwiSuperSport United. Yilapho aziphendlela khona indawo esikimini somqeqeshi uJose Riveiro ngokudlala kahle nokushaya amagoli.
“Kusiza kakhulu ngokomqondo ukuba ingxenye yohambo olufana nalolu. Amaqembu obhekana nawo akuqinisa ukhakhayi ngezindlela eziningi. Lokhu kuzosisiza uma sesibuyela emuva ukuyoqala isizini entsha.
“Ukuhlanganisa engikufunde ngonyaka odlule sisendaweni efanayo nalokhu ebengivele ngikwazi kube olukhulu usizo kimina ngakho-ke ngilushayela ihlombe lolu hambo,” kusho lo mdlali.
Izolo ebusuku, bekulindeleke ukuthi iPirates izwane amandla nePlymouth Argyle edlala esigabeni seChampionship e-England eBanaus Football Center, eMarbella. Leli qembu okusale kancane ukuthi ligencwe izembe ngesizini edlule, lidlale okokuqala ngaphansi kwesandla somqeqeshi omusha, uWayne Rooney, wodumo kwiManchester United.
NgoMsombuluko, iPirates izodlala neSevilla yaseSpain emdlalweni ozoba seJosé Ramón Cisneros Palacios Stadium ngo-9 ebusuku.