Akungoba eyeya iWits uTinkler kodwa uthe bekumele kubasebenzele ukuthi Izitshudeni sezidlale imidlalo eminingi selokhu kubuye imidlalo yeligi, ekubeni bona bebesadlale imidlalo emibili kuphela.
Lo mphumela weWits ushiya iMaritzburg endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-41 emidlalweni engu-27.
“Sinemidlalo enzima kakhulu elandelayo. Sizobhekana neHighlands esesimeni esifana nesethu ngoba ilwela indawo kwiTop 8. Ngemuva kwalokho sizodlala ne-Orlando Pirates. Sizoyivala nge(Bloemfontein)Celtic, ezobe ibeke iso layo elilodwa kowamanqamu njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns kwiNedbank Cup. Yimidlalo enzima kakhulu lena, kayilula neze. Asizenzelanga kwalula, manje sekumele silwe ngokwengeziwe ukuze sigcine indawo yethu kwiTop 8,” kuchaza uTinkler.
Eqhubeka echaza uTinkler uthe: “ Akungoba ngiyeya iWits kodwa bekumele sikusebenzise ukuthi selokhu yabuya imidlalo yePSL, ibidlala njalo. Bekuvele kuzoba khona ukukhathala kuyona obekumele sikusebenzise. Maningi amathuba amaqembu womabili awatholile ngesiwombe sokuqala, empeleni bekumele ziye ekhefini zibambene ngo 4-4. Besingenza kangcono ngamathuba esiwatholile. Ubuthola umdlali wethu ethola ithuba kwi-18 yeWits kodwa alokhu ebamba ibhola noma elilungisa esikhundleni sokukhahlelela ipali, sidle. Akusenani iphuzu sizolamukela. Ngihleze ngisho kwabezindaba ukuthi iphuzu nephuzu esilithola lapha, liyigolide.”
Uma iMaritzburg ingaqeda kwiTop 8, kungaba isizini enhle kuleli qembu ebelivika izembe ngesizini edlule. Ukube inhlanhla ilivumile ngabe lingompetha besicoco seTelkom Knockout, likhale ngaphansi kowamanqamu lidlala neMamelodi Sundowns ngoDisemba nyakenye. I-United isizodlala neHighlands ngoMgqibelo eDobsonville Stadium ngo-1.30 ntambama.