KUBANJWE umoya ngesimo somunye wabadlali beKaizer Chiefs abakhanya njengesibani kule sizini, uRushwin Dortley, ophume eselimele ngesikhathi Amakhosi ebhekene neTS Galaxy koweBetway Premiership ekuqaleni kwesonto.
Esiwombeni sesibili somdlalo weChiefs neGalaxy, osekungumlando ukuthi uphele ngo 1-1, uDortley udlaliswe kabi nguNhlanhla Mgaga kodwa wabuye waqhubeka nokudlala.
Ngokuhamba kwesikhathi lo mdlali oyisithenjwa kwiBafana Bafana, uzicelele ukukhishwa ngoba ezwa ukuthi akasakwazi ukuqhubeka. UDortley ulimala nje, vele liyaduma ikhanda kumqeqeshi wakhe, uNasreddine Nabi, ngenxa yokugqoza kwemiphumela encomekayo.
Ngaphandle kwemiphumela emibi, okunye okudumisa ikhanda lalo mqeqeshi ongazange aqale ngendlela ebelindelwe ngabalandela iChiefs, wukuthi unohide lwabadlali abamqoka angakwazi ukubadlalisa ngenxa yokulimala.
Abanye abalimele kwiChiefs nguBradley Cross, Gaston Sirino, Nkosingiphile Ngcobo, Edson Castillo, Brendon Petersen noDillan Solomons.
Yize iChiefs isathule ngesimo sikaDortley kodwa indlela akhishwe ngayo enkundleni esethwelwe ngohlaka ishiye imibuzo ngokubonakala kwakhe koweChiefs wokuvala unyaka neChippa United ngoDisemba 29, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta uVina Maphosa, wezokuxhumana kwiChiefs ngesimo salaba badlali abalimele, uthe okwamanje akukho abangakusho.
“Okuningi kuzocaca ngoMsombuluko, lapho sizobe siqala khona amalungiselelo omdlalo wethu wokusonga unyaka neChippa eThekwini. Uhlu olugcwele lwabadlali abalimele nabawumqemane luyobe seluqhamuka ngawo-ke uMsombuluko,” kusho uMaphosa.
Okwenza ukuthinteka kukaDortley kubukeke kungaba yinkinga kuNabi wukuthi kungase kumshiye enenkinga yezitobha uma kwazise uGiven Msimango usenamasonto amabili engabonakali ejimini yeChiefs ngenxa yemibiko yokugula.
Abanye abadlali beChiefs basemuva uBongani Sam oseqalile ukuziqeqesha yize eseyedwana, no-Edmilson Dove ikusasa lakhe elibukeka limfimfa kuleli qembu.
Lokhu kushiya uNabi no-Inacio Miguel ohlaselwe ngamaphutha kulezi zinsuku noThatayaone Dithlokwe osazama ukuzibuyisela eqenjini kulandela ukuhlala esikhathi eside ehlushwa ihlombe.
Omunye umdlali wasemuva okhona kwiChiefs nguZitha Kwinika kodwa naye uzungezwa amahemuhemu okuthi usendleleni ephumayo eNaturena kwazise uNabi nethimba lakhe abayiboni indawo yakhe eqenjini.