AKAKAWACHITHI amanzi ngokuthi iqembu lakhe lisengakwazi ukuphendula amatafula emidlalweni emine esele, liqede endaweni engcono kwi-log yeDStv Premiership, umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler.
ICitizens inerekhodi elibi lokunganqobi nowodwa umdlalo kulo nyaka selokhu yagcina iguqise iCape Town Spurs ngoDisemba 31 nyakenye.
Isiqhube imidlalo engu-10 yeligi ingayazi iwini. Idlale ngokulingana kweyisithupha, yakhala ngaphansi kwemine. Kowakamuva ithelwe phansi yi-Orlando Pirates ngo 2-0.
NakwiNedbank Cup yasheshe yaliwasha ijezi, ikhishwa yiSuperSport United kwiLast 32 sekukhahlelwa amaphenathi.
Ukuqoqa amaphuzu maphakathi nesizini yikhona okwenza ukuthi ibambelele endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-35 emidlalweni engu-26. UTinkler usahlalele ethembeni lokuthi bangakwazi ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu.
“Isimo esikuso sithinta wonke umuntu eqenjini kodwa kumele ukholwe ukuthi sekuseduze izinto zijike. Yilokho okufanele siqhubeke sikwenze. Ngingumuntu olwayo, ngizoqhubeka nalokho ukuze ngigcine nginqobile,” kusho uTinkler.
“Ngizama ukuqhela kuzo zonke izinto ezimbi ngoba uma ugxila kulokho awukwazi ukucabanga izinto ezinhle. Ngithanda ukuhlala nginethemba.”
Lo mqeqeshi usecije namaqembu okubalwa i-Orlando Pirates, SuperSport United, Chippa United neMaritzburg United. Uthe okumenza aqine kulezi zikhathi ezinzima wulwazi aseluqoqile eminyakeni edlule.
“Sengike ngaba kulesi simo kaningi, angiyena umafikizolo. Ngike ngaba sezimweni ezinzima kakhulu, njengalapho iMaritzburg United yayinamaphuzu angu-12 ngemuva kwemidlalo engu-21. Nalapho ngaqhubeka nokusebenza, ngenza lokhu engikwenzayo manje,” kusho yena.
“Angibi wumuntu ohlukile ngenxa yemiphumela emibi. Ngisewumuntu ofanayo futhi ngisewumqeqeshi ofanayo. Angiyishintshi indlela engiqeqesha ngayo abadlali nendlela engibalungiselela ngayo imidlalo.
“Enginethemba lokuthi kuzoshintsha wukuthi abadlali benze okuhlukile enkundleni. Konke kuqala emqondweni. Kukhona okuzophendula amatafula, kungaba yigoli elilodwa elingasisusa esimweni esibi lisiyise kwesihle.”
UTinkler, nakuba kujwayelekile ukuthi umqeqeshi agcine esekhonjwe indlela ngenxa yemiphumela emibi kodwa ukhetha ukungagxili ezintweni ezingeke zibe wusizo njengamanje.
“Kumele ngikhathazeke ngezinto engikwaziyo ukuzilawula, lokho yinto engingeke ngikwazi ukuyilawula. Njengamanje yimina osaphethe izintambo. Sonke siyazi ukuthi injani impilo yomqeqeshi, uma imiphumela ingafiki, icala liza kuwena.
“Icala alikaze liwele kubadlali, liwela kumqeqeshi. Ngakho-ke kulungile. Angikwazi ukukhathazeka ngokulahlekelwa wumsebenzi ngoba yinto eyogcina ifikile ngokuhamba kwesikhathi.”
ICity izodlala olandelayo ngoLwesibili neMoroka Swallows e-Athlone Stadium, eKapa, ngo-7.30 ebusuku.
Izophinde ibhekane neTS Galaxy, Richards Bay FC neMamelodi Sundowns ngaphambi kokuphela kwesizini.