INHLOKO yabaqeqeshi kwiCape Town City, u-Eric Tinkler, isale ibalisa ngekubize ngengqayizivele yethuba eliyekwe ama-Citizens eseyibambe lapho incane ngakhona i-Orlando Pirates kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN8 ngoLwesithathu, e-DHL Stadium, eKapa.
Nakuba isiwombe sokuqala besikhomba ukuthi iPirates ibonana kangcono okufakazelwe igoli likaRebohile Mofokeng ngemizuzu yokuqala kodwa uthe umdlalo uyophela bese kuyi-City ephungwa ngezithebe. Igoli le-City lokulinganisa lingene esiwombeni sesibili lishaywa uJaeden Rhodes.
Ukungayisebenzisi indathane yamathuba atholwe yiCity isekhaya akwehlanga kahle ku-Tinkler yize engaliphonsile ithawula ngokudlulela kowamanqamu.
Ngaphandle kwamathuba, lo mqeqeshi uphoxwe ukuvumela kwabo iPirates ukuthi ithole igoli lasekuhambeni ekubeni besazoya kuyona.
ICity kumele izame ukuqhubeka nomgqigqo eqede ngawo umdlalo uma la maqembu esenqwamana kowomlenze wesibili ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Akalilahlile nokho ngokudlulela kowamanqamu lo mqeqeshi oseke wadla lesi sicoco esaqeqesha iSuperSport United eminyakeni edlule.
“Angazi ukuthi yini le ebidala ukuthi kungadlaleki esiwombeni sokuqala kodwa sithe singakhuluma ngekhefu umdlalo waba sezandleni zethu kwaze kwaba uyaphela,” kusho uTinkler esithangamini nabezindaba.
“Iqembu eliyingozi njenge-Pirates aliyekwa uma ulithole la lilincane ngakhona ngoba lona lidinga ithuba elilodwa kuphela ukukungcwaba.
“Akuvumi ukuthi ngincome indlela esidlale ngayo ngoba siyeke ithuba elihle lokuhlohla amagoli siphezu kwayo iPirates.
“Ngaphezulu kwalokho, siyivumele ukuthi ithole igoli ekuhambeni okuyinto esaziyo ukuthi izoba umqansa kithina.
“Angifuni ukuzwakala njengomqeqeshi osephonse ithawula ngoba ngiyakholelwa ekutheni singawina e-Orlando Stadium kodwa ngizama ukucacisa ubunzima esizobhekana nabo nengqayizivele yethuba evelile sayiseka,” kusho uTinkler.