ISALAMBELE ukunqoba inqwaba yezicoco ne-Orlando Pirates injini yaleli qembu, uMiguel Timm, njengoba belungiselela owamanqamu eNedbank Cup.
AmaBhakabhaka azodudulana neSekhukhune United eLoftus Versfeld, ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama. Asethubeni lokudla isicoco sesibili kule sizini ngemuva kokuthatha iMTN 8 ngoNovemba nyakenye.
UTimm uthe nakuba sekukhona abanakho emgodleni kodwa ngeke bazithele ngabandayo njengoba ukwengeza iNedbank Cup kungenza umehluko omkhulu uma sekuhlanganiswa okuzuzwe yiqembu kule sizini.
Ngaphandle kokungena kweyamanqamu kabili, iqembu likaJose Riveiro liphinde lazibekisela indawo kwiCaf Champions League yangesizini ezayo ngokulala isibili kwi-log yeDStv Premiership.
“Kusobala ukuthi siya kulo mdlalo silangazelele ukuthola lowa muzwa esasinawo sinqoba iMTN 8. Sekuwumuzwa esifisa ukuba nawo ngaso sonke isikhathi. Siyibheke ngabomvu impelasonto ngethemba lokuthi sizophinde siphakamise indebe,” kusho uTimm kwabezindaba ngoLwesibili.
“Sijabule ngokungena kwiChampions League, yize noma besihlose ukulwela isicoco seligi. Sizothatha okuhle sikwenze isisekelo esiqinile esizokwakhela phezu kwaso ngesizini ezayo. Sijabule ngokufinyelela kowamanqamu kabili kodwa ngikholwa ukuthi singenza okungcono kakhulu.
“Selokhu ngafika kuleli qembu asikho isikhathi sokuzithela ngabandayo. Simele iqembu elikhulu, elinenqwaba yabalandeli. Balindele lukhulu kithina ngakho-ke asinalo ilungelo lokungazimiseli.”
UTimm, oyibamba enkabeni yenkundla, ungomunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli bezikaMagebhula. Balimemeza bangakhathali igama lakhe uma ephethe ibhola, njengoba babenza ku-Oupa “Ace” Manyisa.
Noma kunjalo, lo mdlali ofike kweZimnyama ekuqaleni kwesizini ephuma kwiMarumo Gallants, uthe kusekude ukuthi afike ezingeni lale nkakha eyaphakamisa izicoco eziningi naleli qembu ngesizini ka-2010/11 neka-2011/12.
“Angicabangi ukuthi ngingafaniswa no-Ace. Wenza okukhulu kakhulu kunalokhu engisakwenzile kuleli qembu. Luselude ukhalo okumele ngiluhambe,” usho kanje.
“Bekungeyona inhloso yami ukuba yintandokazi kubalandeli, okwami ukufaka isandla eqenjini, ngibambisane nozakwethu. Ngiyababonga ngiphinde ngibonge nabaqeqeshi ngabakwenzayo ukuze sithuthuke.”
Abalandeli bebhola balindele ukubona ukuthi ngubani ozokhonya esiswini phakathi kukaTimm nomdlali weBabina Noko, uKamohelo Mokotjo, ofike kuleli qembu kwazwakala ngoJanuwari ngemuva kokudlala iminyaka eminingi phesheya.
UTimm uthe bayazana noMokotjo njengoba baphekwa ndawonye enkulisa yeSuperSport.
“Kungenzeka ukuthi iningi labantu alazi ukuthi sahlala iminyaka eyisithupha noma eyisikhombisa noKamo emaqenjini amancane eSuperSport. Ngicabanga ukuthi umdlalo siwubona ngendlela ecishe ifane ngenxa yendlela esafundiswa ngayo. Ngikubheke ngabomvu ukuqhudelana naye. Ungomunye wabangani bami futhi besixhumana ngesikhathi ephesheya kwezilwandle,” kusho uTimm.