UMDLALI wasesiswini uMiguel Timm, ofike kwi-Orlando Pirates waphenduka isithandwa sabalandeli, ufunge wagomela ukuthi ngeke lumngene ekhanda uthando alunikwa abalandeli baleli qembu athi kwakuvele kuyiphupho lakhe ukulidlalela.
UTimm (31) ufike kwiPirates ngoJuni nyakenye esuka kwiMarumo Gallants kodwa usengomunye wabadlali okuthi uma ebamba ibhola, kuchwaze inkundla abalandeli bebiza igama lakhe ngoba bechazwa indlela adlala ngayo.
Kusukela efikile kwiPirates lo mdlali oke wadlalela iqembu lase-United States of America (USA), usewine isicoco seMTN 8 lapho eqokwe khona njengomdlali ovelele emdlalweni wamanqamu bebhekene naMaZulu FC.
Kuyacaca ngaso sonke isikhathi ukuzimisela kulo mdlali ozalelwe eThekwini kodwa wakhulela eGoli, okufakazelwa nawukuthi usethathe neso lomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
FUNDA NALOLU DABA: UMonare akasiboni isidingo sokuzephulela inkontileka kwiPirates
Yize konke kubukeka sengathi kumhambela kahle uTimm kodwa yena ubona ithuba lokuqhubeka nokusebenza ukuze kungeke kumbuse ekhanda ukuthi usephenduke isithandwa efika ngakho kodwa.
UTimm ubekhuluma nabezindaba ngeledlule eSandton lapho iPirates iqhathwe khona ekuhambeni ne-All Stars FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship kwi-Last 32 yeNedbank Cup.
“Kwesinye isikhathi kuba sengathi ngiyaphupha uma ngikhumbula ukuthi ngigqoka ijezi lePirates okwakuvele kuyiphupho lami (ukuyidlalela) nokuthi uma ngisenkundleni ngisuke ngimele izinkumbi zabalandeli baleli qembu elikhulu kangaka,” kusho uTimm kwabezindaba.
“Mayelana nokufika ngingene khaxa kwiPirates, okuningi kuxhumene nokuthi ngiwuhlobo lomuntu okholelwayo ekusebenzeni ngokuzikhandla. Ngiyazi futhi ukuthi ngisebenze kangakanani ukuze ngifike la ngikhona.
“Ukukhombisa kwabalandeli uthando kimina kuyangikhuthaza ukuthi ngiqhubeke ngoba ngiyakholelwa ekutheni asekhona amanye amagiya engisengawafaka,” kulandisa lo mdlali.
UTimm ufunge wagomela ukuthi ngeke angene ogibeni osekungene kulona abadlali abaningi ngoba bebuswa uthando lwabalandeli.
“Amaphutha esengike ngawabona kubadlali ukuthi bayakhohlwa ukuthi baze baphenduke izintandokazi nje yingoba kukhona abasuke bekwenza.
“Ngeke ngikuvumele lokhu kuthandwa ukuthi kungingene ekhanda kodwa ngizokusebenzisela ukuthi kungikhuthaze ngiqhubeke nalokhu abakubonayo noma ngenze kangcono,” kusho uTimm.
IPirates enqobe kwiLamontville Golden Arrows kodlule weligi, izobuyela enkundleni ngeSonto ekhaya neStellenbosch FC kuwona umdlalo weDStv Premiership.
Izinsuku nezindawo okuzodlalelwa kuzo iNedbank Cup zisazomenyezelwa.