INHLOKO yabaqeqeshi eqenjini lesizwe lebhola laseSpain, uLuis de la Fuente, ixwayise ngokuthi kusekuncane lokhu okwenziwe yiqembu layo elidle isicoco se-Euro ka-2024 ngokuguqisa i-England ngo 2-1 kowamanqamu walo mqhudelwano osongwe ngeSonto, kwelaseGermany.
UDe la Fuente obegxekwa abezindaba baseSpain ngaphambi kokuqala komqhudelwano ngokudlalisa ibhola elihlukile kwisokompilo lakuleliya lizwe, udle lesi sicoco ngokuyinqoba yonke imidlalo eyisikhombisa kusukela kweyamaqoqo.
ISpain ishaye amagoli angu-15 yangenelwa amane kuphela. Akukho lapho idinge khona ukuwina ngamaphenathi.
Lo mqeqeshi ozakhele igama ezikwatini ezincane zaseSpain, ubejabule ngokwenziwe abafana bakhe kusukela umqhudelwano uqala. Uthe kusekuncane lokhu okubonwe umhlaba.
Uzishaya isifuba ngokuthi endleleni ebheke esicocweni iSpain ebibunjwe ngeningi labafana abancane ikhiphe ompetha i-Italy, osokhaya iGermany, iFrance ne-England okuqale umqhudelwano bengabanye ababebethishwe ukudla isicoco.
“Nakuba kungekho noyedwa obesinika ithuba embangweni wesicoco kodwa asikaze singakholwa ukuthi singayidla le-Euro,” kusho uDe la Fuente kwi-ESPN emcaphune esithangamini nabezindaba emuva komdlalo.
“Esikwenze kulo mqhudelwano kunzima ukukuphinda kumbe sikwenze kubengcono kodwa anginalo uvalo ngoba abadlali banaso isikhathi sokuvuthwa futhi kuhle ngoba bazimisele ukusebenza nangokukhula.
“Ngizishaya isifuba ngenjabulo esiyinike abantu baseSpain. Engingakuthembisa ukuthi kusekuncane lokhu esikwenzile. Basazobona lukhulu.
“Laba badlali bayohlale besemlandweni webhola laseSpain ngokudla isicoco sezwe sesine sase-Europe,” kusho lo mqeqeshi.
Ukukhonya kweLa Roja kulo mqhudelwano kuphinde kwahlala obala sekukhishwa imiklomelo yabadlali abenze kahle.
URodri ongabuyanga esiwombeni sesibili kowamanqamu ngenxa yokulimala, uqokwe njengomdlali ovelele womqhudelwano.
Injini yeSpain, uDani Olmo, igoduke nesicathulo segolide kwathi uLamine Yamal, oseneminyaka engu-17 waqokwa njengosemncane obevelele.
Kwenzeka konke lokhu, umqeqeshi we-England, uGareth Southgate, uhleli ngesinqe esisodwa emsebenzini wakhe.
Kubalandeli be-England kunomuzwa wokuthi uSouthgate ube nesandla ekutheni leli zwe liphinde lishwetshwe isicoco se-Euro selifike kowamanqamu njengoba kwenzeka ngo-2021.