UMQEQESHI weRichards Bay FC, uKaitanoTembo, ukholwa wukuthi ezakhe zidinga ukuba sesimeni esihle ngokomqondo ukuze zizodlulela kowamanqamu weCarling Black Label Knockout.
IBay izogadulisana neStellebosch FC kowandulela owamanqamu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, namhlanje, ngo-3 ntambama.
INatal Rich Boyz ifinyelele kulesi sigaba seCarling ngemuva kokwehlula i-Orlando Pirates. Emdlalweni we-Last 16 zidlule kwiMoroka Swallows. Nakuba iBay izinto zingayihambeli kahle emidlalweni yeDStv Premiership kodwa inomfutho ohlukile uma idlala kwiCarling.
Izobhekana neStellies eshaya kwasani kulezi zinsuku. NgoLwesibili, iStellies ishaye into ecokeme ngesikhathi iqoqa amaphuzu amathathu komakhelwane iCape Town Spurs abasemsileni we-log yeDStv Premiership.
“Lo mdlalo siwulungiselela ngendlela efanayo nesihlale silungiselela ngayo yonke imidlalo.Yindlela efanayo esibheka ngayo izimbangi zethu. Siyawahlonipha amaqembu esibhekana nawo. Ngakho lo mdlalo awuhlukile. Okubalulekile kithina wukulungiselela ngendlela efanele ngoba sidlala neqembu elihle. Iqembu elenza kahle okwamanje. Ngakho sidinga ukuba sesimeni esihle ngokomzimba, ukuze sizothola umphumela omuhle,” kusho uTembo.
Kungokokuqala emlandweni weBay ukudlala kowandulela owamanqamu wendebe selokhu ifikile kwiPremiership. Leli qembu linyukele esigabeni esikhulu emuva kokuwina iligi yeMotsepe Foundation Championship ngo-2021. Uma ligcina lidlulela kowamanqamu weCarling, lizongena emlandweni njengelinye lamaqembu amasha kwiligi azibeke ethubeni lokuwina indebe.
Iqembu elizowina phakathi kweBay neStellies lizogadulisana kowamanqamu nelizonqoba phakathi kwaMaZulu neTS Galaxy. USuthu ne-The Rockets bazogijimisana eMoses Mabhida Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
“Ukudlulela kowamanqamu kubalulekile eqenjini, kubalulekile futhi nakubadlali kwazise abanye babo kuzoba ngokokuqala bedlala kuleli zinga. Yilokho esikufunayo, ukubeka iqembu obala. Sisebenze kanzima eqenjiini, abaphathi beqembu basebenze kanzima. Ngiyabancoma kakhulu ngokubeka iqembu lapho esesikhona manje. Kodwa asikafiki lapho. Kufanele sizithobe, sigxile emsebenzini ophambi kwethu okuwukubhekana neStellenbosch ngoMgqibelo,” kusho uTembo.
Emdlalweni odlule weligi neStellies, iBay ikhale ngaphansi ngo 2-1 ekuhambeni. Akubuzwa ukuthi ukwenza kahle kowomkhumulajezi kungayifaka umfutho ukuze ibalekele izembe. IRich Boyz iyibambe endaweni ka-15 ku-log ngamaphuzu angu-10 emuva kwemidlalo engu-13.