UBONA iqembu lakhe lenze okudlulele ngokwehlula iCape Town Spurs, uKaitano Tembo ocija iRichards Bay.
Kulo mdlalo obusekhaya eKing Zwelithini Stadium, iNatal Rich Boys, adlule ngegoli likaThato Mohlamme sesiyophela isiwombe sesibili.
Lapha bekubhekene amaqembu athwele kanzima njengoba esemsileni. Ngokunqoba lapha, iBay ivule igebe lamaphuzu ayisithupha kwiSpurs esekugcineni ngamathathu emidlalweni ewu-11.
Kamuva ezikaTembo zibukeka zishaywa ukugcina umgqigqo wokunqoba. Isibonelo nje, emasontweni edlule zishaye iMoroka Swallows esigabeni sokuqala seCarling Black Label Knockout.
Kuthe abalandeli besajatshuliswa yilo mphumela, zashaywa iCape Town City koweligi. Kolandelile iBay imangaze abaningi iwashisa i-Orlando Pirates ijezi kuma-qaurterfinal alo mqhudelwano.
Le njabulo ibe ngeyezinsuku ezimbalwa njengoba iphinde yadliwa iStellenbosch ngaphambi kokunqoba kwiSpurs ngempelasonto edlule.
UTembo ebhentshini osesizwa uVusumuzi "Kanu" Vilakazi, uthe bekubalulekile ukuthi banqobe kwiSpurs. Uthe lo mphumela ubacacisele ngezinto ezimbalwa.
"Okokuqala okubalulekile ukuthi senze isiqiniseko sokuthi iSpurs siyigcina ingaphansi kwethu. Okwesibili ukuthi lokhu kunqoba ngoba kusinika ithuba lokuqala ukufaka inselelo kumaqembu angenhla kwethu. Okuhle ukuthi sesikwaze ukuvula igebe lamaphuzu ayisithupha emsileni. Lokhu kusinika ithuba lokuphefumula," kubeka uTembo.
Iqembu lakhe lidinga ukunqoba imidlalo emibili kulandelana ukuze lingene kwi-top 8.
Njengawo wonke amaqembu liqale ikhefu le Fifa. NgoNovemba 25, lizophinde libhekane neZimnyama, eKing Zwelithini Stadium.
UTembo uthe kuleli khefu uzolwa nokuthi babambe umgqigqo wokunqoba.
"Ngizobanika izinsuku zokuphumula ezimbalwa abadlali bami. Maduze kumele sibuyele ejimini, kuningi okumele sikulungise. Lokhu kunqoba kumele siqhubeke nakho uma singafuni ukuba senkingeni". ISpurs izodlala neRoyal AM, ngawo uNovemba 25, Cape Town Studium.
SITHEMBISO MKHIZE
UBONA beshaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngokwehlula iCape Town Spurs, uKaitano Tembo ocija iRichards Bay.
IBay inqobe umdlali weDStv Premiership ngo 1-0 ngempelasonto edlule eKing Zwelithini Stadium. Igoli lishaywe uThato Mohlamme umdlalo usuyophela.
Lapha bekubhekene amaqembu athwele kanzima njengoba esemsileni. Ngokunqoba iBay ivule igebe lamaphuzu ayisithupha kwiSpurs esekugcineni ngamathathu emidlalweni ewu-11.
Kamuva ezikaTembo zibukeka zishaywa ukugcina umgqigqo wokunqoba. Isibonelo nje, emasontweni edlule zishaye iMoroka Swallows esigabeni sokuqala seCarling Black Label Knockout.
Kuthe abalandeli besajatshuliswa yilo mphumela, zashaywa iCape Town City koweligi. Kolandelile iBay imangaze abaningi iwashisa i-Orlando Pirates ijezi kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
Le njabulo ibe ngeyezinsukwana ezimbalwa njengoba iphinde yadliwa iStellenbosch ngaphambi kokunqoba kwiSpurs ngempelasonto edlule.
UTembo ebhentshini osesizwa uVusumuzi "Kanu" Vilakazi, uthe bekubalulekile ukuthi banqobe kwiSpurs. Uthe lo mphumela ubacacisele ngezinto ezimbalwa.
"Okokuqala okubalulekile ukuthi senze isiqiniseko sokuthi iSpurs siyigcina ingaphansi kwethu. Okwesibili ukuthi lokhu kunqoba kusinika ithuba lokuqala ukufaka inselelo kumaqembu angenhla kwethu. Okuhle ukuthi sesikwaze ukuvula igebe lamaphuzu ayisithupha emsileni. Lokhu kusinika ithuba lokuphefumula," kubeka uTembo.
Uma iBay ingakwazi ukubamba umgqigqo wokunqoba ngeke kuthathe isikhathi eside ukuthi iqhele emaqenjini asemsileni.
Njengawo wonke amaqembu iqale ikhefu leFifa. NgoNovemba 25, izophinde ibhekane neZimnyama, eKing Zwelithini Stadium.