KUSINDA kwehlela kuKaitano Tembo, umqeqeshi omusha weRichards Bay FC, uKaitano Tembo. Ngaphandle kokubhekana nenselelo yokubuyisa uzinzo eqenjini eliqede isizini edlule selibambelela ngezidindi limuka nomfula, kumele akhiphe amangwevu akhe esengaphandle “kwesibaya” seSupersport United.
UTembo usebenze iminyaka eminingi esikhungweni sabadlali abasakhuliswa seSupersport United, ngaphambi kokuba yiphini labaqeqeshi abehlukene kuleli qembu, eligcine limqokele kwesokuba yinhloko yomqeqeshi ngesizini ka-2018/19.
Emasizinini amathathu edlule, eyinhloko yabamqeqeshi kwiSupersport, uTembo uzuze indebe yeMTN 8 ngo-2019/20, ngaphambi kokuhlukana neqembu ngesizini ka-2021/22
Ngaphambi kokuqala kwesizini edlule uphume okokuqala esibayeni seSupersport ebisifana nekhaya lakhe lesibili, ejoyina iSekhukhune United, lapho ephikwe khona yizinto. Kuleli qembu unqobe imidlalo emibili kuphela kwengu-12, wakhonjwa indlela esaqede izinyanga ezine kuphela.
Yize eseqine ukhakhayi ekuqeqesheni esigabeni sePremiership kodwa uhambo lukaTembo ekuqeqesheni, luhumusheka ngokuthi kumele abonakalise amagwezu akhe. Usabhekene nenselelo yokuthola owakhe umqondosimo ngendlela afuna iqembu lakhe lidlale, eyehlukile naleyo ebisetshenziswa kwiSupersport, okuyilona qembu aphekwe kulona.
UTembo ubesebhentshini leRichards Bay, ngesikhathi idlala emiqhudelwaneni emibili yokuzifudumezela ukuqala kwesizini, okuyiKZN Premier’s Cup nePrince Mangosuthu Legacy Cup. Udalule ukuthi yize selikhombisa izimpawu zokuhlangana iqembu alihlanganisayo kodwa isamkhathaza eyokungawakhi amathuba okushaya amagoli nokuba buthaka emuva.
“Into engiphatha kabi wukuthi kasiwakhi amathuba okushaya amagoli, kanti nasemuva sikhombisa ukuba buthaka, okuyinto okumele siyisukumele ngokushesha.
“Emuva sidinga umdlali oyedwa noma ababili asebemnkantshubomvu, abazokwazi ukuxhumana kahle nabanye abadlali,” kuchaza uTembo.
Ukhuluma eyokungawakhi amathuba okushaya amagoli nje, usho kufanele ngoba yisona sifo ebesihlasele iqembu ngesizini edlule. Yilona elibe nesibalo esincane samagoli ukwedlula wonke amaqembu, ngokushaya amagoli angu-20 kuphela kwengu-30 yePremiership ngesizini edlule.
Namuhla ngo-3 ntambama, uTembo uvula isizini yakhe yokuqala ka-2023/24 yeDStv Premiership kwiNatal Rich Boyz, ngokubhekana neqembu lakhe elidala iSupersport United, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Ngo-3pm: Golden Arrows v Moroka Swallows (Mpumalanga Stadium); Supersport United v Richards Bay FC (Peter Mokaba Stadium)
Ngo-5.30pm: Royal AM v AmaZulu FC (Harry Gwala Stadium)
Ngo-8pm: Stellenbosch FC v Orlando Pirates (Danie Craven Stadium)
Kusasa:
Ngo-3pm: Kaizer Chiefs v Chippa United (Moses Mabhida Stadium); TS Galaxy v Cape Town Spurs (Mbombela Stadium)
Ngo-5.30pm: Cape Town City v Polokwane City (Athlone Stadium)