AMAZULU ahlela ukuliphanyeka emgibeni isikhashana ijezi lobengumgadli oqavile, uBongi Ntuli, ongasekho.
UNtuli udlule emhlabeni emasontweni amathathu adlule emuva kokuxinwa wumdlavuza. Abadlali boSuthu baphelezele lo mgadli ngokushaya iLamontville Golden Arrows emuva kwezinsuku ezintathu bemfihlile.
Kujwayelekile ukuthi eMzansi amaqembu ahloniphe umdlali ongasekho ngokuthi ijezi lakhe lingabe lisasetshenziswa. I-Orlando Pirates inqume ukuthi ungaphinde ugqokwe unombolo 22 no-16 okwakuyizinombolo zikaLesley Manyathela noClifford Moleko. IMamelodi Sundowns ilandele iKRC Genk yaseBelgium ngokuphanyeka emgibeni unombolo 16 ka-Anele Ngcongca.
Nokho emiqhudelwaneni yeCaf ayasetshenziswa ngenxa yomthetho wale nhlangano ophoqa ukuthi amaqembu asebenzise izinombolo kusukela ku-1 kuya ku-30.
Umengameli woSuthu, uSandile Zungu, uthe bazosithatha isinqumo mayelana nokuthi unombolo-7 kaNtuli uzohlala isikhathi esingakanani ungasebenzi.
“Anginaso isiqiniseko ngokuliphanyeka emgibeni unomphela ngoba unombolo-7 yinombolo ebaluleke kakhulu eqenjini. Uzokhumbula nawe ukuthi u-0 kuya ku-11 yizinombolo ezazisetshenziswa kusukela kudala. Ngakho asikwazi ukubeka unombolo-7 unomphela kodwa sizibophezele ukuthi ukuhlonipha uNtuli, ukuhlonipha isithunzi sakhe negalelo lakhe eqenjini. Kule sizini ngeke siwusebenzise unombolo-7. Sizobe sesinquma siyiqembu ngokuqhubeka kwesikhathi ukuthi sizokwenzanjani,” kusho uZungu.
“Mhlawumbe futhi sizowuphanyeka emgibeni iminyaka embalwa. Singanquma ukuwubeka size sifike eminyakeni engu-100 siyiqembu, siwubuyekeze ngonyaka wekhulu Usuthu lwabakhona, sihlale sikhumbula ukuthi unombolo-7 ugciniwe, nangu umniniwo lapha eLala Kahle (lapho afihlwe khona uNtuli). Kodwa yinombolo ebalulekile eqenjini, ngeke sikwazi ukuyiphayeka emgibeni unomphela. Ngisho eBrazil emuva kukaPele unombolo 10 wawubalulekile, ngisho ne-Orlando Pirates emuva kukaJomo Sono u-10 yinombolo abayibona ibalulekile. U-10 yinombolo ebalulekile, unombolo 7 ubalulekile oSuthwini.”
Ukushona kukaNtuli akubuzwa ukuthi kuvule isikhala kubagadli Osuthwini. Sekusele u-Augustine Kwem waseNigeria, Junior Dion wase-Ivory Coast noVictor Letsoalo oselizwa ngendaba ijezi. UZungu uthe kufanele bangene emakethe.
“Akuyena kuphela umgadli esimdingayo. Njengoba sidlala nje imidlalo kukhona izindawo eziyinselelo lapha Osuthwini ezidinga ukuqiniswa njengoba sibheke ewindini likaJanuwari. Ezinye zazo kusesiswini, odongeni lwasemuva nakubagadli. Ukuhamba kukaNtuli kwenze izimanga ngoba kuveze ubukhona bukaKwem, kuveze ubukhona bukaJunior.
“Kade sidlala owobungani neqembu laseSwatini, izinto ebezenziwa nguVictor Letsoalo bezimangalisa. Ushaye amagoli amathathu. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi naye uyafuna ukuvuka emaqandeni azibonakalise. Ngakho sinawo amafolosi. Kodwa siyafuna futhi ukuqinisa lapho. Ikhona imizamo esiyenzayo ukuze ngoJanuwari kubekhona esimlethayo,” kusho uZungu.