AMAZULU FC aya emdlalweni womkhaya weDStv Premiership, neRichards Bay FC namuhla eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kumanje Usuthu lunejoka lokuvala umshophi kweyomkhaya. Umdlalo uqala ngo-5.30 ntambama.
Iqembu laseThekwini, ngesizini edlule liqophe irekhodi elimbi lihluleka wukunqoba ngisho owodwa nje, umdlalo kweyomkhaya baKwaZulu-Natal.
Ibiminingi imidlalo yomkhaya futhi bekusekhona neMaritzburg United, egcine igawulwa yizembe, yehlela kwiMotsepe Foundation Championship.
Amanye amaqembu aseKZN, yiLamontville Golden Arrows neRoyal AM.
Umgadli waMaZulu, uBongi Ntuli, ongomunye wasebeqine ukhakhayi kuleli qembu, uyiqonda kahle inselelo ababheke nayo.
“Siyakwazi lokho (ukuthi ngesizini edlule babe nerekhodi elimbi kakhulu kweyomkhaya) futhi siyakuqonda ukuthi ngesizini edlule awukho umdlalo womkhaya esiwunqobile.
“Singabadlali sithemba ukuthi sizilungiselele ngokuyikho ukuthi lo mdlalo esiya kuwo neRichards Bay, siqale ngawo ukujika lo mshophi,” kusho uNtuli.
Ubuthuntu baMaZulu bungabekwa emahlombe abo abadlali abanjengoNtuli, okulindelwe kubo amagoli. Eqinisweni, leli qembu alikayiboniswa inethi emidlalweni emibili yokuqala yesizini, nokungenye inselelo.
“Yinto esiyixoxayo sonke, nomqeqeshi ulokhu esigqugquzela ukuthi singabi netwetwe kodwa sizolithola igoli futhi elivulela amanye,” kusho uNtuli.
“Mina ngakolwami uhlangothi ngiyavuma ukuthi kula masizini adlule ngike ngabohla kodwa-ke into ebingihlupha kakhulu wukulimala. Kuhle ukuthi ngiqale kahle isizini kulokhu ngingalimele.
“Ngimelwe wukuzibonakalisa ngokuthenjwa engikhonjiswe khona. Ngisafuna ukunqoba izicoco futhi ngisafuna ukunqoba nomklomelo wamagoli amaningi njengomgadli.”
Kumqoka kodwa ukubalula ukuthi akusiwo wodwa AmaZulu aqale ngokundonda kodwa wonke amaqembu aseKZN, awakangeni egiyeni.
IBay inegoli elilodwa futhi isadlulwe yimidlalo emibili. I-Am inamagoli amabili nephuzi elilodwa ebuye nalo ibambana ngo 0-0 naMaZulu.
I-Arrows emidlalweni emithathu inamagoli amathathu, namaphuzu amane ngenxa yamathathu ewathathe kwiBay.
OSuthwini, kubukeka umqeqeshi omusha uPablo Franco, efike nozinzo, ikakhulu ekuziphatheni kwabadlali.