AMAZULU azishaya isifuba ngohlelo lwawo lokuphatha abadlali abasebancane, okufakazelwa yinqwaba esemabhukwini eqembu ephase u-matric.
Usuthu lunobudlelwano nezikole ezaziwayo eThekwini, iGlenwood High School noHlange High School, oluqinisekisa ukuthi abadlali balo abasebancane bathola imfundo esezingeni eliphezulu.
Lobu budlelwano bukhiqize izithelo ezinhle njengoba leli qembu selikuqinisekisile ukuthi kunabadlali balo abasebasha abebefunda umatikuletsheni ngonyaka odlule, abaphasile.
Laba badlali abayingxenye yenkulisa yoSuthu, nguSimangaliso Ndlovu, Onke Ncama, Langelihle Majola, Sibonelo Ngidi, Masibonge Ngidi, Lwandile Ngcobo noSiyanda Hlangabeza.
“Siyiqembu elikukhuthazayo ukuthi abadlali bethu abasebancane baqedele izifundo zabo, badlulele phambili nangemuva kuka-matric,” kusho okhulumela leli qembu, uBrilliant Mkhathini.
“Lokhu kuyabakhuthaza abanye abadlali ababalandela ngemuva. Singabala noMashigo (Tebogo) obephinde abe yingxenye yeqembu elikhulu."
Sekuyisiko kuMaZulu ukuthi minyaka yonke kube nenqwaba yabadlali abaphothula u-matric kwazise bekwenzeka nangesikhathi iqembu lisaphethwe ngabakwaSokhela, abalidayisele abakwaZungu ngo-Okthoba 2020.
Imizamo yokuthola abadlali bamanye amaqembu abaphase u-matric igcine ingaphumelelanga kwazise abakwaDStv bathe abalugcini bona lolu luhla yize bengabaxhasi.
Amanye amaqembu nawo akhombise izimpawu zokungayisukumeli phezulu eyamagama abadlali bawo abebenza u-matric.
Isibonelo nje, kwiKaizer Chiefs kubalwa uMduduzi Shabalala no-Aden McCarthy kubadlali abebenza u-matric kodwa okhulumela iqembu, uVina Maphosa ugcine ethembise ukuxhumana nehhovisi lakhe ngaphambi kokuphawula ngalaba badlali.
Usuthu lusendaweni yesihlanu kwi-log yeDStv Diski Challenge ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-14, lusele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye eqenjini eliqhwakele, iCape Town City.
Umdlalo wabo olandelayo bazowudlala neTS Galaxy eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngeSonto ngo-12 emini.
Isiyonke imidlalo yeDDC ngempelasonto:
Kusasa -
*Royal AM v Swallows eMpumalanga Stadium, eHammersdale ngo-10am;
*Pirates v R’Bay eRand Stadium, eGoli ngo-12pm;
NgeSonto -
*Sekhukhune Utd v Stellenbosch e-Isak Steyl Stadium, eVanderbijlpark ngo10am;
*Maritzburg v Chippa Utd eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngo10am;
*Gallants v SS United e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane ngo-10am;
*Kaizer Chiefs v Golded Arrows eDobsonville Stadium, eGoli ngo-10am;
*CT City v Sundowns eMalta Sports Ground, eKapa ngo-10am.