UBUYISELWE eqenjini leDStv Diski Challenge unozinti waMaZulu, u-Olwethu Mzimela, oncishwe isikimu kweleDStv Premiership abesenyuselwe kulo ngokugcwele.
Lokhu kuqinisekiswe ngumqeqeshi weqembu leDiski loSuthu, uSiboniso Vilakazi emuva kokuthi ezakhe zibuye seliyoshona ilanga ziphuma nephuzu kwiRoyal AM, emdlalweni weligi yeDiski, eClermont ngoMgqibelo.
Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1.
UMzimela, osebuya ebhentshini lesikimu esikhulu esiphekwa nguRomain Folz, ubesezintini.
Emasontweni adlule bekubhekwe ukuthi uMzimela uzothola ithuba kwelePremiership, emuva kokubolekiswa kuThongathi kukaJean-Noel Amonome waseGabon.
Usuthu luqoke ukuvala isikhala ngoJody February, olumboleke kwiMamelodi Sundowns. UFebruary, ophila ngokubolekiswa, usezobanga ijezi noVeli Mothwa oselenze elakhe ijezi kuleli qembu.
"Sizama ukumtakula u-Olwethu ngoba ungunozinti weqembu lesizwe. Ngakho uma engayitholi imizuzu enkundleni, kuba yinkinga.
“Ngakho sizama ukwenza isiqiniseko sokuthi uyadlala. U-Olwethu ubengaseyona ingxenye (yeqembu leDiski). Ubekade esesesikimini esikhulu.
“Kodwa njengoba ngisho ukuthi sizama ukumsiza ngoba ukusayinisa kwethu uFebruary, kuyakutshela ukuthi u-Olwethu usezoba ngunozinti wesithathu, ngeke abonakale ngisho ohlwini lwabadlali abaqokelwe umdlalo.
“Ngesikhathi kubolekiswa uYawa (Amonome), besicabanga ukuthi u-Olwethu uzoba ngunozinti wesibili kodwa ekugcineni uma umqeqeshi esenqumile ukuthi athole omunye unozinti ozoba ngowesibili... (akukho esingakwenza). Yikho u-Olwethu simsiza.
"Ungumdlali weqembu lesizwe, ngakho abaqeqeshi bayabuza ukuthi bazoyibona kanjani inqubekela phambili yakhe uma engadlali.
“Yikho sithe akeze lapha kithina, ngoba enye yezinhloso zethu wukubona laba badlali bedlala esikimini esikhulu futhi bemele izwe.
“Ngokwami bonke abadlali abajima nesikimu esikhulu, bakulungele ukudlala. Sidinga umqeqeshi ozoba nesibindi njengoSteve Barker (Stellenbosch).
“Baqala umdlalo ngabadlali abayisihlanu abadlala kwiDiski, futhi benza kahle. Kudingeka banikwe ithuba. Akusikho ukuthi abekho ezingeni elifanele."
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge
Chippa United 1-1 Marumo Gallants
Swallows 3-0 TS Galaxy
Maritzburg United 0-2 Orlando Pirates
Royal AM 1-1 AmaZulu
Richards Bay v Mamelodi Sundowns
Golden Arrows v Kaizer Chiefs
Cape Town City v Sekhukhune United
Stellenbosch v SuperSport United.