KUVELA ukuthi AmaZulu FC amlande phesheya umdlali ahlela ukuvala ngaye isikhala sikaMakhehleni Makhaula osejoyine i-Orlando Pirates.
Isolezwe lihoshe ukuthi sezikwivuthondaba izingxoxo phakathi koSuthu neDreams Sports Agency ephethe izindaba zikaMswati Mavuso (22) ongowokudabuka eVryheid nokho osezinze eGauteng.
Ngokuthola kwaleli phephandaba bekumele ukube lishone elayizolo uMavuso esesemabhukwini AmaZulu ngokuphelele.
Kuvele ukuthi uqale ukujima naleli qembu likaSandile Zungu ngesonto eledlule.
Lo mdlali wasesiswini usanda kuhlukana neqembu abelidlalela i-Europa FC edlala kwiGibraltar Football League. IGilbraltar yizwe elise-Europe, elibuswa ngaphansi kweBritain, elisondelene nengxenye eseningizumu yeSpain.
Le ligi ingaphansi kwenhlangano yase-Europe, i-Uefa.
Ngaphambi kokufulathela elakuleli, uMavuso uke wadlala kwiStellenbosch beno-Ashley du Preez osekwiKaizer Chiefs.
Umthombo uveze ukuthi uFolz nezikhulu zeqembu bachazwe yindlela uMavuso adlale ngayo kungakapheli zinsuku ezingakanani ejoyine ijimu yabo.
Kuthiwa zimbona njengozosivala thaqa isikhala sikaMakhaula nakuba esemncane. Kuzokhumbuleka ukuthi uMakhaula ulime indima enkulu uSuthu luqeda isizini ka-2020-21 lukweyesibili.
"UMswati unekhono eliyisimanga. Nakuba esemncane kodwa uyikusasa leNingizimu Afrika. Udlale kuMotsepe Foundation eneminyaka engu-18. Ngaphezu kwalokho wagijima eqenjini lesizwe lika-Under-20 naku-Under-17. Kuthe kusenjalo wadlala phesheya kwezilwandle. Uke wayibamba naseqenjini elikhulu leStellenbosch. Yena mncane ngokweminyaka kodwa ukhakhayi seluqinile ngenxa yesipiliyoni sakhe," kubeka umthombo.
UBrilliant Mkhathini okhulumela uSuthu ukuvumile ukuthi uMavuso ungomunye wabadlali abajima neqembu.
Babili abadlali abajima neqembu. Lo okhuluma ngaye ungomunye wabo kodwa-ke ngeke ngikwazi ukuphawula ngokuthi uzosayina noma cha. Iqembu lizophawula uma isikhathi sesifanele," kubeka uMkhathini izolo.
UMinenhle Mkhize weDreams Sports Agency, uvumile ukuthi zikhona izingxoxo eziqhubekayo.
“Ngingasho ukuthi siyayoxisana nabo. Ngithemba ukuthi sizoqeda konke maduze,” kusho uMkhize engafuni ukwenaba.