AWAHLABEKANGA umxhwele AmaZulu FC ngomgadli waseKenya, uVincent Oburu, okuthiwa usebuyele kwiZesco United yaseZambia asalelwe kuyo amasizini amabili.
Leli phephandaba libikile emasontweni edlule ukuthi lo mgadli uzotheleka kuleli njengoba ubengomunye wabafunwa uSuthu.
Bekulindeleke ukuthi uma efika axilongwe odokotela ukubheka isimo sakhe sempilo bese eyasayina uma konke kuhambe kahle.
Esikhundleni sokuthi kwenzeke lokhu kuvele ukuthi uSuthu lusafuna ukumhlola ukuthi ngabe uwulolu hlobo lomgadli olumdingayo na.
Ngokuthola kweSolezwe lo mgadli ubuyele kwiZesco ngoLwesihlanu olwedlule ngenxa yokuhluleka ukuheha iso labaqeqeshi.
Lezi zindaba ziqinisekiswe kwiSolezwe, uSandile Zungu ongusihlalo woSuthu.
"Impela kunjalo, u-Oburu usehambile, ithimba labaqeqeshi kalizange lihlabeke umxhwele ngendlela adlala ngayo. Inhloko yabaqeqeshi, uCijimpi (uPablo Franco Martin), ithe alukho ushintsho azofika nalo. Sinabagadli bethu okunguDion (Junior), Ntuli (Bongi) no-Augastine Kwem abenza omuhle umsebenzi. Kule sizini senza izinto ngokukhulu ukucophelela. Sifunde kabuhlungu kumasizini edlule sisayinisa abadlali abangasisizanga ngalutho," kubeka uZungu.
Uveze ukuthi bayisishiyagalombili abadlali bangaphandle akade bebahlola ngesikhathi kulungiselelwa isizini ephezulu.
"Kutheleke ngisho isitobha saseGermany. Omunye bekungowaseBelgium. Laba abayisishiyagalombili ngabatheleke kuleli. Abanye besibuka imidlalo yabo eqoshiwe. Kasizange sisayinise noyedwa. Sisayinisa umdlali osezingeni lokudlala oSuthwini,“ usho kanje.
U-Oburu ulandele uYakhouba Barry waseGuinea ongasayinanga esefikile eThekwini kuvela ukuthi uhlushwa idolo.
UZungu uveze ukuthi sekuqinisekisiwe ukuthi uVictorian Adebayor waseNiger okade elindelwe uzotheleka kuleli ngempelasonto. Sekukhulunywe kaningi ngalo mdlali kuthiwa ubenenkinga yokusuka kwelakubo njengoba kunezinkinga zombusazwe.
"Uzosuka kwelakubo ngoLwesihlanu, atheleke eThekwini ngoMgqibelo. Nakuba naye ebatshazwa kodwa sizoqale simxilonge sibuye sihlole indlela adlala ngayo. Asethembe ukuthi konke kuzohamba ngononina," kubeka uZungu.
Yize iwindi lePremier Soccer League (PSL) lokubhaliswa kabadlali abasha livalwa ngoLwesihlanu kodwa u-Adebayor usangabhaliswa kamuva njengoba lingekho iqembu anenkontileka nalo.
USuthu luhambela phezulu kulezi zinsuku ngenxa yokunqoba imidlalo emibili kulandelana. Ngempelasonto edlule lushaye iCape Town City ngo-3-2. UDion obesuka ebhentshini, ube iqhawe eshaya amagoli amabili. Ngaphambi kwalo mdlalo belushaye iTS Galaxy. NgoMsombuluko luzobhekana nePolokwane City, ePeter Mokaba Stadium.