USIHLALO waMaZulu FC, uSandile Zungu, usekuqinisekisile ukuthi imidlalo yasekhaya yeligi yangesizini ezayo bayibuyisela KwaMashu naseMlaza.
Uhla lwemidlalo olukhishwe yiPremier Soccer League (PSL), lwemidlalo yeBetway Premiership, kuvela ukuthi kunemidlalo Usuthu oluzoyigijima eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Le nkundla ngesizini edlule beyisetshenziswa iRichards Bay FC ngenxa yokuswela inkundle eMthlathuze.
Sekuphele amasizini Usuthu olucijwa uMartin Pablo, ludlalela eMoses Mabhida Stadium. NakwaMashu lwagcina kudala.
Ngokwalolu luhlu, umdlalo wokuqala, ngoSepthemba 14, luzowudlala nePolokwane City, e-Old Peter Mokaba Stadium.
Emibili elandelayo luzoyidlalela eKing Zwelithini, okuvela ukuthi oweSekhukhune United ngoSepthemba 22 bese kuba oweKaizer Chiefs ngoSepthemba 25.
Kulolu hlu, iBay izovula neTS Galaxy, ngoSepthemba 15 khona eMlaza bese owesibili iwudlale neChippa United ekuhambeni.
NgoSepthemba 29 izobhekana ne-Orlando Pirates khona eKing Zwelithini.
Kuthintwa uZungu ukucacisa ngalokhu, uthe imidlalo eminingi yeligi bazoyidlalela eMabhida Stadium, eminye bayihambise KwaMashu naseMlaza.
"Njengoba kushiwo, lolu luhlu olukhishwe iPSL lusengolwesikhashana, lusazoshintsha. Isibonelo nje, umdlalo wokuqala ekhaya sizowudlalela eMabhida Stadium, hhayi eKing Zwelithini. Sinesivumelwano noMasipala weTheku ngokusebenzisa iMabhida njengenkundla yethu yokuqala. Nakuba kunjalo ikhona esizoyidlalela ePrincess Magogo Stadium naseKing Zwelithini Stadium. Yebo, iMabhida ikhona eThekwini, nokho sivumelane ngokuthi singaliqhelisi iqembu kubantu bethu emalokishini," kubeka uZungu.
Uqinisekise nokuthi ngeke baphazamisane neRichards Bay, neMilford esebenzisa iPrincess Magogo.
Kufanele wukuthi la mazwi kaZungu azokwehla kahle kubantu abakhele uMashu.
Ize yaphela isizini ka-2023/24 lingekho eleBetway Premiership elidlalela ePrincess Magogo. IMilford igijima kwiMotsepe Foundation Championship.