AMAZULU kungenzeka azithole esenkingeni yokuswela unozinti uma ehluleka ukuthola omusha lingakavali iwindi lokusayinisa abadlali.
Amaqembu angaphansi kwePremier Soccer League (PSL), anikezwe isikhathi sokuthi abhalise abadlali abasha ngaphambi kokuphela kukaJanuwari, njengoba kuphakathi nesizini ka-2022/2023.
USuthu lusamemezele umdlali omusha oyedwa kuphela, odabuka e-Ivory Coast, uSede Junior Dion, osuka kwiMarumo Gallants. Nokho kubukeka sengathi iqembu lingase libhekane nenkinga yokuswela unozinti uma kuphela inyanga ephezulu, lingamtholi.
Lokhu kungemva yokubolekisa ngonozinti waseGabon, uJean-Noel Amonome kuThongathi FC olugijima kwiMotsepe Foundation Championship. U-Amonome ubewukudla kwebhentshi oSuthwini, phezu kokushaya into ecokeme emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) nyakenye. Ijezi likanozinti weNyokana eluhlaza aligudluki kuVeli Mothwa. Emasontweni adlule umthombo osondelene no-Amonome udalule ukuthi ufuna ukuwashiya AmaZulu ekupheleni kwesizini ngenxa yokuphendulwa ifenisha.
Ukubolekiswa kuka-Amonome kushiya Usuthu nonozinti ababili okunguMothwa, no-Olwethu Mzimela obeyibamba eqenjini leDStv Diski Challenge. Lokhu kusho ukuthi uma kungalimala uMothwa, iqembu lizophoqeka ukudlalisa uMzimela, ongakaze avimbe esigabeni sePremiership, libeke ebhentshini uSiyanda Khumalo odlala kweleDiski Challenge.
UBrilliant Mkhathini, okhulumela AmaZulu, uvumile ukuthi u-Amonome akasekho eqenjini.
"U-Amonome usekuThongathi kodwa okwamanje anginayo imininingwane egcwele. Angikazi ukuthi uhambe ngokugcwele noma ubolekisiwe," kusho uMkhathini.
Kungenzeka ukuthi Usuthu seluqalile ukuthungatha omunye unozinti onesipiliyoni kodwa lokho akuvelanga ngesikhathi umqeqeshi uRomain Folz, ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu. Kunalokho ukhulume eyomdlali wasohlangothini uGuilly Manziba waseDemocratic Republic of Congo (DRC), osenamasonto amabili eziqeqesha noSuthu. UManziba, obeyibamba kwiSuperSport United, kulindeleke ukuthi amenyezelwe njengomdlali woSuthu maduzane.
"UManziba ngimazi kudala. Ukuza kwakhe lapha kungenxa yokumfuna kwami. Ngiyamazi ukuthi ungumdlali onjani. Ngiyajabula ukuba naye lapha, kuningi azokwengeza eqenjini. Uzodinga isikhathi sokujwayela indawo nendlela yokudlala kodwa ngijabule ngaye," kuchaza uFolz.
NgeSonto ngo-3.30 ntambam, AmaZulu azodlala kowomkhaya baKwaZulu-Natal neRoyal AM eChatsworth Stadium, eThekwini.