AMAZULU FC ahluleke ancama ukufaka igiya eliya phambili emzabalazweni wokuqeda ukuba ngamathofi omkhaya bawo baKwaZulu-Natal, okubalwa kubo neRichards Bay FC abambane nayo ngo 1-1 eKing Zwelithini Stadium, ngeSonto ntambama.
Kulo mdlalo AmaZulu ahambe phambili isikhathi esingaphezu kwehora ngegoli likaThabo Qalinge.
Ibihlasela okokugcina ngci emdlalweni sekuphele ngisho nesikahthi sikanondweba iBay, ngesikhathi ithola igoli lokulinganisa elishaywe nguKatlego Maphathe.
Emuva kwalo mdlalo AmaZulu asalelwe ngemithathu yomkhaya kule sizini. Azobhekana neMaritzburg United ngoLwesihlanu, yiRoyal AM ngoFebhuwari 25 bese evala ngeLamontville Golden Arrows ngoMeyi 13.
AmaZulu aye emdlalweni wayizolo engabhekile nje kuphela amaphuzu amathathu kodwa bekukhona nenselelo empini enkulu yokubuyisa isithunzi ngokuvala umkhuba wokuphenduka amathofi kweyomkhaya bawo kule sizini.
Lokhu kungenxa yokuthi uma ubheka imidlalo ephakathi kwamaqembu amahlanu amele iKZN kwiPremiership, yiwo angakaze anqobe.
ILog yeyomkhaya baseKZN
Iqembu P W D L F A Pts
Richards Bay53205111
Royal AM5302659
Arrows5302439
Maritzburg5212437
AmaZulu5023142
AmaZulu aye kwiBay eyovimba ukuthi ingabathwasabuli okwesibili kule sizini kwazise emzuliswaneni wokuqala yabanquma sebeyibambile kuboza unozinti wawo, uVeli Mothwa.
Empeleni, iphuzu elilodwa AmaZulu angene emdlalweni wanamuhla kuyilo lodwa abesalithole emidlalweni yomkhaya kule sizini, ngayebuye nalo kwiMaritzburg United ngo-Okthoba.
Nayo iMaritzburg ebhedelwa yizinto kule sizini kwazise ilwela ukuvika izembe, idlala kangcono kweyomkhaya ukunaMaZulu kwazise ibisike yanqoba iguqisa iRoyal AM ngo 3-1 ne-Arrows ngo 1-0 kulandelana ngoJanuwari.
Nayizolo, ikhona iminwe ekhombe uMothwa ngegoli leBay kwazise ibhola likaMaphathe lidlule phambi kwakhe kanti kubukeka sengathi ubengalifaka nesibhakela noma abeke isandla phambi kwalo.
IBay ayikaze yehlulwe kweyomkhaya kule sizini.