KUZOKWENZEKA okungajwayelekile namuhla ebholeni labesifazane eNingizimu Afrika njengoba amaqembu amabili esizwe ezobe ebambe iqhaza emidlalweni eyahlukene.
IBanyana Banyana izoqhubeka nohambo lwayo kwiCosafa Cup lapho izobhekana khona ne-Eswatini kowesibili kaGroup A eWolfson Stadium, eGqeberha, ngo-3 ntambama.
Leli qembu elibunjwe ngabadlali abasebancane, elicijwa ngumqeqeshi weqembu lika-Under 20 uMaud Khumalo, liqale lo mqhudelwano ngokunqoba iNamibia ngo 1-0 ngoLwesibili. I-Eswatini ibhudluze iSeychelles ngo 6-0 kowayo wokuvula.
"Siwubonile umdlalo phakathi kwe-Eswatini neSeychelles kodwa lokho akusho ukuthi kuzokwenzeka okufanayo uma sebebhekene nathi. Sigxila emdlalweni owodwa ngesikhathi. Asifuni ukuzifakela ingcindezi ngoba sinabadlali abaningi abasha,” kusho uKhumalo kwiSafa.
"Okusemqoka kakhulu wukunamathela ezinhlelweni zethu nokwenza lokhu esikwaziyo. Sifuna nje ukwenza isiqiniseko sokuthi abadlali bakhululekile bese silungisa esingakwenzanga kahle emdlalweni wokuqala."
Khonamanjalo: Iqembu elikhulu leBanyana lizobhekana neDenmark emdlalweni wobungani ozoqala ngo-6 ntambama e-Aalborgh Stadium.
UThembi Kgatlana, Hildah Magaia, Linda Motlhalo noSinoxolo Cesane bazobe bengekho ngenxa yokungawatholi ngesikhathi amaphepha abagunyaza ukuthi bangene eDenmark.
Sebezohlangana neqembu eCoventry ngaphambi komunye wobungani ne-England, ongoLwesibili.
IBanyana izobe isibuyela ekhempini ngenyanga ezayo isiyolungiselela ukubhekana neJamaica kweminye yokungcweka ngoNovemba 29 nangoDisemba 2.
Umqeqeshi uDesiree Ellis, uthe: “Sikhuluma ngesipiliyoni ngaso sonke isikhathi kodwa uma lolo lwazi lungalethi lutho ekuthuthukisa iqembu luba yisipiliyoni nje esingasho lutho. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abadlali baphonselana inselelo ngoba yilokho okwenza iqembu liphumelele phambilini. Yilokho esizobe sikubheke kakhulu kule midlalo emine esele kulo nyaka.”
IDenmark ikleliswe endaweni ka-12 emhlabeni, i-England isendaweni yesibili, kanti iJamaica isendaweni ka-42. Iqembu lakuleli likleliswe endaweni ka-50.