USIHLALO weTS Galaxy, uTim Sukazi, uthi ngeke balenze iphutha lokumethwesa ingcindezi uSamir Nurkovic, yokuthi ashaye amagoli ngoba lokho kungabeka ikusasa lakhe engcupheni.
Selokhu uSukazi athenga isitifiketi seHighlands Park, sokudlala kwiDStv Premiership, izinto azikahambi kahle. Ngesizini yokuqala, iqembu lasonga endaweni yesishiyagalolunye.
Kule sizini ka-2023/24, lisaqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili, emidlalweni eyisithupha. Njengoba kuqala ephezulu, iThe Rockets inabadlali abebewumgogodla ebadedelile.
Phakathi kwabo kukhona uBathusi Aubaas osejoyine iMamelodi Sundowns, noGiven Msimango osedlala kwiKaizer Chiefs, ukusho abambalwa. Phakathi kwabadlali ebasayinisile, kukhona uNurkovic waseSerbia, ofike kuleli wazakhela igama ngokushaya amagoli amaningi kwiChiefs.
UNorkovic ugcine elishiyile leli qembu wajoyina iRoyal AM. Kumanje ibhekene ngeziqu zamehlo phakathi kwakhe nezikaShauwn ‘MaMkhize’ Mkhize. Lokhu kudalwa wukuthi ngokomyalelo weFifa, iRoyal kumele imkhokhele uR12 million ngokunqamula inkontileka yakhe singakafiki isikhathi.
IRoyal igcine udaba iludlulisele kwiCourt of Arbitration for Sports (Cas).
Kweminye imithombo yezindaba kuvele ukuthi uMaMkhize noSukazi basezinhlelweni zokulungisa udaba.
Engxoxweni Isolezwe elibe nayo noSukazi, wenqabe waphetha ukuphawulangodaba, wazeseka ngokuthi akuthintwe iRoyal.
Mayelana noNurkovic uthe ngeke bamjahe, bazomnika ithuba lokuthi angene khaxa emgqigqweni wakhe.
"Lapha kwiGalaxy zonke izinto sizenza ngokuhleleka. USamir asivelanga nje samsayinisa, sihlale phansi nawo wonke umndeni weGalaxy savumelana ngokuthi simlande. Uhlale isikhathi eside engadlali noma esesuke kwiChiefs. Asimnike ithuba, ungumgadli wezinga eliphezulu, usazowashaya amagoli. Okuhle ukuthi ufike kunabadlali abanesipiliyoni asebegudlile kulesi sigaba esikuso," kubeka uSukazi.