AKETHUKILE nakancane uJomo Sono ngendawo iqembu lakhe iJomo Cosmos, elihleli kuyo kwi-log yeGauteng Safa ABC Motsepe League.
ICosmos ingelinye lamaqembu anomlando ebholeni lakuleli. Ibalwa kwaqala iPremier Soccer League (PSL) ngesizini ka-1996/97.
Abaningi bese belethe igama elithi iyoyo ngenxa yokulokhu lehlikela kwiMotsepe Foundation Championship (National First Division) liphinde linyukele esigabeni esikhulu.
Abanye basole uSono ngokuqhubeka nokuqhoqhobala izintambo zokuqeqesha phezu kokuba izinto zibukeka zimphika.
Ngesizini edlule ligcine liyigojele iCosmos njengoba yehlikele kwiMotsepe League.
IGauteng ABC Motsepe seyibheke ngasemaphethelweni.
Izinto zithanda ukuyishubela iCosmos njengoba isendaweni yesithupha ngamaphuzu awu-57 emidlalweni ewu-30.
Kuqhwakele iDondol Stars ngawu-71, emidlalweni ewu-31.
Ezithendeni zayo kunoPele Pele, Soweto Super United, Highlands Park ne-African All Stars ekweyesihlanu. Iqembu elizodla umhlanganiso lizongena emidlalweni kazwelonke yokukhipha amaqembu amabili azonyukela esigabeni sePremier Soccer League (PSL), iMotsepe Foundation Championship.
Ngempelasonto edlule ezeNkosi ziphinde zazenzela phansi zishaywa i-African All Stars ngo-1-0.
USono ebuzwa ukuthi akethukile yini njengoba isizini seyibheke ngasemaphethelweni, uphendule wathi: "Awu lutho, izinto ziyenzeka kule ligi. Le midlalo esele iseminingi kabi. Uma singabhukula ingaphela siqhwakele. Okunye ukuthi uma ubheka kahle le ligi icinene. Amaqembu angenhla kwethu asishiya ngamaphuzu ambalwa lakhulu. Sidinga ukunqoba imidlalo embalwa kulandelana bese sibuyela embangweni.“
Khonamanjalo, kayikho imidlalo yeKZN ABC Motsepe League edlalwe ngempelasonto edlule. Lesi kube yisiphakamiso samaqembu esithe kumiwe ukudlalwa ukuze kuqedwe ukuqulwa kwamacala.
Leli phephandaba lithole ukuthi icala le-Asande neMilford lizohlalelwa namuhla. Kuleli cala iMilford ithole iphenathi, i-Asande yanqaba ukuthi ishaywe. Umdlalo awubange usaphela. UKwenzokwakhe Ngwenya ongusihlalo weSouth African Football Association (Safa) KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi leli cala lizohlalelwa namhlanje.