UMUNWE uwukhomba kubanikazi bamaqembu ngokugqoza kwabalandeli ezinkundleni owayengumxhumanisi womphakathi neKaizer Chiefs, uPutco Mafani, owayengaconsi phansi ngisho nakwababengawalandeli AmaKhosi.
UMafani osewumsakazi kuMhlobo Wenene, utshele leli phephandaba ukuthi ukufika kobuxhakaxhaka besimanje nezinkundla zokuxhumana, kubavale amehlo osihlalo bamaqembu, amaChief Executive Officer (CEO) namaMarketing Manager.
Uqhube wathi esikhundleni sokusebenzisa ngendlela efanele lobu buchwepheshe besimanje, bavele baphenduka amavila.
Uthe bethanda bengathandi ngabalandeli abayinsika yebhola ngoba ubuningi babo buheha nabaxhasi.
"Ngiyazi izinto azisafani nesikhathi sethu. Noma kunjalo zikhona ezingasoze zajika. Njengoba sasenza, namanje kusabalulekile ukuhambela lonke izwe nangaphandle kuvulwe amagatsha abalandeli kuphindwe kwenziwe isiqiniseko sokuthi zonke izinto zihamba kahle kuwo.
“Thina sasenza isiqiniseko sokuthi sifika qathatha kubo abalandeli sibachazele ngokubaluleka kokuhambela imidlalo. Besiya kwimisakazo, kwithelevishini nabakwamaphephandaba siyochomelana. Wawuthi ufika umdlalo sesihambe ibanga elide," kubeka uMafani.
Uqhube wathi: “Nangosuku lo mdlalo sasiyishukumisa inkundla. Sibiza abaculi senza nemincintiswano. Noma izinto sezashintsha kodwa angikhumbuli abantu bengasabuthandi ubumnandi. Ave kubalulekile ukuxhumana nabantu ngesiqu sakho.
“Ukube ngisenza umsebenzi ofanayo ngabe ngesebenzisa zona lezi zinkundla zokuxhumana ukuhlela imihlangano nabalandeli nangokubatshela ngokuqhubekayo emaqenjini abo. Ngabe nginamaWhatsApp Group osihlalo, omgcinamafa nezinye izikhulu zawowonke amagatsha. Ziyoze zibuyele emasisweni, abalandeli basazoqhubeka nokungayi ezinkundleni uma kusazoqashwa amavila.”
Labo abase bewulandela unobhutshuzwayo eminyakeni edlule, bazokutshela kahle ukuthi wawumkhulu kangakanani umsebenzi wabaxhumanisi bamaqembu nabalandeli.
Uma kunomdlalo babegcwala kuwowonke amaziko abezindaba, bechomelana ngayoyonke indlela.
Umdlalo wawuqala maphakathi nalelo viki. Lokhu kwakwenza isasasa nakubalandeli.
Ayiphathwa-ke uma kuzotholana phezulu izinkunzi zaseSoweto, iChiefs ne-Orlando Pirates, laba baxhumanisi babelima enkulu indima.
KwiChiefs kwakubhoke uLouis Tshakoane owayethathana kube ncane indawo noMickey Modisane weZimnyama. Babenxenxa ngazo zonke izindlela abalandeli kumagatsha ukuthi bahambele imidlalo.
Kwathi noma esezibeke phansi izintambo uTshakoane kwangena yena uMafani owaqhubeka nomsebenzi omuhle
KwiMamelodi Sundowns kwakubhoke u-Alex " Gold Finger" Shakoane. OSuthwini kwakhukhona abanjengoDumsani Shandu.
UTshakoane, Shakoane noKhumalo baze basungula inhlangano iPublic Relations Council. Nabasakazi bemisakazo abamabonakude nezintatheli zezemidlalo emaphephandabeni babenza umsebenzi oncomekayo.