ULUNGA Sokhela, owayeyisikhulu saMaZulu FC, uyakuchitha ukuthi bahlela ukuthenga elinye iqembu kwiDStv Premiership.
Emasontweni adlule kusabalale ukuthi uLunga, owayeyimenenja jikelele yaMaZulu, noyise, uPatrick Sokhela, owayengusihlalo woSuthu, bahlela ukukhuza ibuya ebholeni futhi bafuna ukuthenga iNatal Rich Boyz.
Ngaphambi kwalokho kwavela ukuthi uLunga ufuna ukuthenga Uthongathi FC oseludayiselwe abeMilford.
“Njengoba sadayisa ikilabhu ngo-2020, ngisahlabe ikhefu ebholeni lesigaba esiphezulu. Ngiyasiza kakhulu ekuthuthukiseni abadlali abasebancane," kusho uSokhela.
“Ngiyasebenza kakhulu neSafa Ethekwini ukusiza ezintweni eziningi ezifana neGovernance neMarketing.
“Yilapho engibheke ukusiza khona ekuthuthukiseni ibhola. Ngokubona kwami uma singase silungise lapho, singabona nemiphumela emihle futhi kwiPSL, izinga labadlali kwiPSL linganyuka nabadlalela iBafana Bafana.
“Okwamanje yilapho engisabheke khona futhi yilapho ngizoqhubeka khona nokubamba iqhaza.”
Umndeni wakwaSokhela ushaqise abaningi udayisela uSandile Zungu iqembu ngo-2020.
AbakwaSokhela babuyisele AmaZulu kwiPremiership ngokuthenga isitifiketi seThanda Royal Zulu emuva kokuthi iwine iligi yeMotsepe Foundation Championship ngo-2017.
Isitifiketi seChampionship soSuthu sadayiselwa uSifiso “Jomo” Biyela, waqala ngaso iRichards Bay FC.
USokhela uthe abakhuluma indaba yokuthi bafuna ukuthenga iqembu basuke befuna ukufeza izinhloso zabo.
“Ngokubona kwami, abantu bakhuluma lokhu benzela mhlawumbe ukuthi kwenyuswe intengo yekilabhu. Athi umuntu 'thenga ngale mali ngoba nakhu oSokhela bayayifuna ikilabhu'. Iqiniso wukuthi asibhekile ukuthenga enye ikilabhu,” kusho uSokhela.
“Sangena ebholeni ngoba sithanda AmaZulu. Uthando lwethu lwalungekho ekutheni sibe nekilabhu nje yebhola. Uthando lwethu lwaluwukubuyisa Usuthu njengoba sikhumbula ukuthi ngesikhathi singena ebholeni igama AmaZulu Football Club lalingekho.
“Kwakukhona iZulu Royals eyayidlala kuMvela ngaleziya zinsuku. Ngakho thina sasifisa ukuthi igama AmaZulu Football Club libuyele kwiPSL.”
“Sakuzuza lokho futhi ngesikhathi sesiphuma, ikilabhu sayishiya isesimeni esihle, inabaxhasi, inekhundla yokudlala neyokuziqesha futhi inabadlali abasebancane abasazokhula babambe iqhaza elikhulu ekilabhini.
“Ngakho sayenza yazinza ikilabhu futhi kwakuyisifiso sethu ukuthi kube nekilabhu enesithunzi ezimele kahle. Sakuzuza lokho.
“Ngakho akusona isifiso sethu ukuthi sithenge ikilabhu. Uthando lwethu lukuMaZulu Football Club.
“Njengoba sakuzuza esasifuna ukukwenza, sigculisekile. Siyathokoza futhi ukuthi ikilabhu sayidayisela umuntu esasibona ukuthi uma ubheka izinto azizuza emabhizinisini, uzoyithuthukisa nayo.
“Ngakho alikho iqiniso ekutheni sifuna ukuthenga ikilabhu."
USokhela uphethe ngokuthi uyise bengamenqabela ukuthi abuyele ebholeni.
"Uma ubheka ohlangothini lwekhehla, nathi ngeke sivume ukuthi libuyele ebholeni ngoba selithe ukukhula. Sekuyisikhathi sokuthi akhululeke, angazixini kakhulu ngezinto ezizonyusa ushukela, zidale ukhwantalala,“ kusho yena.