UZOTHOLA elinye ithuba lokuqala kabusha neqembu elisha umgadli wakuleli, uLuther Singh, osayiniswe yiFK Cukaricki yaseSerbia.
Lo mdlali ohlasela ngasezinhlangothini aphinde akwazi ukudlala naphambili, usayine inkontileka yeminyaka emibili naleli qembu eligijima esigabeni esiphezulu, iSerbian Superliga.
Ubesephenduke undingasithebeni njengoba ebesenuka iqaqa eqenjini lakhe iFC Copenhagen. USingh wasayina inkontileka yeminyaka emine nalezi zinkunzi zaseDenmark ngo-Agasti, ka-2021, kodwa izinto azimhambelanga kahle kwasekuqaleni.
Waqala ukuzilolonga ngokuphelele neCopenhagen, sekudlule isikhathi ngemuva kokubambeka eNingizimu Afrika kulandela ukudlalela iqembu lesizwe. I-passport yakhe yaphelelwa yizikhala zokugxiviza kwaphoqeleka ukuthi alinde entsha.
Ngesikhathi efika kwiCopenhagen, udlale imidlalo embalwa kodwa wagxekwa kakhulu ngabathile bezindaba baseDenmark abebemsola ngokukhuluphala. Wafakwa ngesiwombe sesibili, waphinde wakhishwa singakapheli bebhekene neqembu laseGreece, iPAOK, emdlalweni we-Europa Conference League ngo-Okthoba.
NgoNovemba ka-2021, walaliswa esibhedlela kodwa iqembu aliphumelenga obala ngokuthi uphethwe yini. Nokho, ophethe izindaba zalo mdlali, uLorenz Sleeuwaert, watshela elinye lamaphephandaba aseDenmark, i-Ekstra Bladet, ukuthi wayenemfiva futhi engekho esimeni esihle ngokomqondo ngenxa yengcindezi.
Eseluleme, wazilolonga yedwa waphinde waziqeqesha neqembu elincane yaze yaphela isizini ka-2021/22. Ekuqaleni kwesizini ka-2022/23, ubolekiswe eqenjini lasePortugal, iGD Chaves, ayeseke walidlalela phambilini.
Ngaphambi kokuthi kuqale le sizini, iCopenhagen ikucacisile ukuthi akaseyona ingxenye yezinhlelo zayo, waphinde wazilolonga yedwa ngesikhathi leli qembu lilungiselela isizini entsha.
NgoSepthemba 1, iCopenhagen iqinisekisile ukuthi inkontileka kaSingh inqanyuliwe futhi usekhululekile ukuthi ajoyine noma yiliphi iqembu alithandayo.
Imibiko ebivela ePortugal iveze ukuthi sekusele kancane asayine kwi-AVS Futebol Sad, edlala esigabeni sesibili kule lizwe, nokho kwagcina kungenzekanga njengoba esevumbuke kwelaseSerbia.
I-FC Cukaricki iqede endaweni yesithathu esigabeni esiphezulu saseSerbia ngesizini edlule futhi ingenile esigabeni samaqoqo e-Europa Conference League kule sizini.
“Besifuna ukuqinisa iqembu njengoba sizodlala kwiConference League ngoba sifuna abadlali baqhudelane esikwatini sethu. Sibonile emidlweni edlule, ikakhulukazi sibhekene ne-Olympiakos ukuthi kukhona lapho kushoda khona. Yingakho sikhethe ukuletha abadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho umqondisi wezemidlalo kwiCukaricki, uVladimir Matijšević.
“USingh uneminyaka engu-26 ubudala, unesipiliyoni sokudlala e-Europe futhi ngeke adinge isikhathi esiningi ukuze azijwayeze. Uzosilethela ijubane, usedlale kumaligi amahle futhi uzobabekela inselelo abadlali ebesivele sinabo.
"Sizobhalisa bobathathu abadlali abasha kwiConference League futhi njengoba iwindi lokuhwebelana ngabadlali lizovalwa ngoSepthemba 15, eSerbia, singase siqhubeke nokuqinisa iqembu uma kunesidingo noma uma kuvela umdlali esimthakaselayo."
ICukaricki izoqala i-Europa Conference League kuGroup F lapho iqhathwe neFerencvaros yaseHungary, iFiorentina yase-Italy neGenk yaseBelgium.
Ilele endaweni yesithupha kwiSerbian Superliga ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisithupha. USingh usethubeni lokudlala umdlalo wokuqala uma selibhekene nompetha iCrvena Zvezda ngoSephthemba 16. Wagcina ukudlalela iBafana Bafana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba neZimbabwe, ngoSepthemba ka-2021.