SITHEMBISO MKHIZE
UZIBONA engakabi bukhali ngokwanele phambi kwamapali, uThabang Sibanyoni ongumgadli weRichards Bay ezobhekana ne-Orlando Pirates koweBetway Premiership, ngeSonto, ngo-3 ntambama eKing Zwelithini Stadium.
Lo mgadli ukwabajoyine iNatal Rich Boys ngaphambi kokuqala kwesizini ephezulu. Ukhiqizwe inkulisa yeMamelodi Sundowns. Unyuselwe eqenjini elikhulu ngesizini ka-2018/19.
Nokho akakaze alithole ithuba lokuyidlalela njengoba beyilokhu imbolekisa emaqenjini ehlukene okubalwa kuwo iJDR Stars, Sekhukhune United, SuperSport United ne-University of Pretoria (kwiMotsepe Foundation Championship) ayishayele amagoli ayisishiyagalombili ngesizini edlule.
Ngaphambi kokuqala kwesizini ephezulu iqome ukumdedela ngokuphelele.
Emidlalweni emithathu esagijinywe iBay akakwazanga ukubhakuzisa inethi.
Kowokuqala bashaye iTS Galaxy ngo 1-0 wegoli likaKeegan Allen odlala emuva.
Kowesibili bahlulwa iChippa United ngo 1-0, kowokugcina babambana ngeqanda nomkhaya babo, iRoyal AM.
"Okwamanje angikakabi yilo Sibanyoni engimaziyo, ongalibheki ipali. Lokhu kudalwa ukuthi angikawatholi amathuba anele namahle. Ngokubona kwami ngidinga ukushaya igoli elilodwa bese kuvuleka inhlanhla yamanye," kubeka uSibanyoni.
Mayelana nomdlalo wePirates uthe banalo ithuba lokunqoba nakuba kuzoba nzima.
"Okumnandi ngokudlala neqembu elifana nePirates awudingi kugqugquzelwa, usuke ukwazi okumele ukwenze. Ukuyishaya kungasinika ugqozi lokunqoba nakweminye imidlalo. Ngikholelwa ekutheni sinabadlali abahle, abangamelana nayo. Okuhle namalungiselelo alo mdlalo ahamba kahle. Ubani owaziyo, mhlawumbe igoli lami lokuqala ngizolithola ngeSonto," kuqhuba lo mgadli.
Uthe isifiso sakhe kule sizini ukushaya amagoli awu-12 kuya kwawu-15.
"Ngingathokoza uma singafezeka lesi sifiso. Ngesizini edlule ngishaye ayisishiyagalombili, kumele ngilenyuse izinga. Okunye engikufisayo ukuqeda kwi-Top 8 nokuhamba ibanga elide kule zinkomishi ezisele. Kungaba into emnandi ukufinyelela kweyandulela eyamanqamu nakweyamanqamu uqobo."
IPirates kuyihambela kahle njengoba isinqobe imidlalo eyisikhombisa. Emithathu yeMTN8 neyeChampions League ngokwehlukana nemibili yeBetway Premiership. Kwegcine ukuwudlala ibhaxabule iPolokwane City ngo 3-0 koweligi. Ngo-Okthoba 5 izobhekana neStellenbosch kowamanqamu eMTN8, eMoses Mabhida Stadium.
Imidlalo yeBetway Premiership:
NgoMgqibelo - Ngo-3pm: Kaizer Chiefs v Mamelodi Sundowns (FNB Stadium); Sekhukhune United v Golden Arrows (Peter Mokaba).
Ngo-5.30pm: Magesi v Royal AM (Old Peter).
Ngo-8pm: Cape Town City v SuperSport United (Athlone Stadium); Marumo Gallants v AmaZulu (Toyota Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Richards Bay v Orlando Pirates (King Zwelithini Stadium); Polokwane City v Stellenbosch (Old Peter Mokaba Stadium).