UMNEWABO kaJoel “The Horse” Faya wodumo kuMaZulu FC, uchaze umnewabo omncane njengomuntu obezikhulumela enganqeni ukusho into angavumelani nayo futhi engabambelani magqubu.
UFaya (65) owayeyisihlabani saMaZulu FC esazakhela igama ebholeni laseNingizimu Afrika ngasekupheleni kweminyaka yo-1970 kuya kuya ko-80, udlule emhlabeni ngemuva kokugula isikhashana exinwe yisifo somfutho wegazi (high-blood pressure) esemzini wakhe, kwa-B, KwaMashu, ngoLwesihlanu ekuseni.
UChristopher Faya, ongumnewabo omdala kaJoel, obelandisa Isolezwe Ngempelasonto ngokudlula isigubhukane komnewabo, uthe kusafana nephupho kuyena ukudlula kukamnewabo abegcine ukukhuluma naye kuthangi.
“Kusafana nephupho kimina ukudlula komfowethu, kodwa-ke siyothini kusemhlabeni. UMfanafuthi (elinye igama likaJoel) ungifonele kuthangi (ngoLwesithathu) engitshela ukuthi ubuya kwadokotela, omtshele ukuthi i-BP yakhe iphezulu, wabe esemnika amaphilisi. Ngaphandle kwalokho ubengakaze axinwe wukugula. Yingakho sisashaqekile namanje ngokushona kwakhe isigubhukane ngale ndlela,” kuchaza uFaya ngelosizi.
“Ngoba umuzi wami uqhelile kunalapha kwa-B, ngifonelwe unkosikazi wakhe engitshela ukuthi angiphuthume ngize lapha ekhaya.
Ngithole ukuthi umfowethu ekuseni uvuke nje eziphilela engenalutho, wacelwa undodakazi (uNombuso) ukuthi amgudluzele imoto, ngoba efuna ukuphuma eya emsebenzini.
Kuthe ekubuyeni kwakhe, wabe esezihlalela kusofa. Ube esekhala ngokuzwela ukushisa, bazama ukumtholela usizo, kodwa kwaya ngokuya kumqinisa ukugula wagcina eshonela ezandleni zikankosikazi wakhe, uKaMajola (Ntombikayise),” kuqhuba uFaya.
“Ngiyomkhumbula njengomuntu obezikhulumela, esho into njengoba injalo. Uma into ingamphethe kahle ubengasabi ukuyikhuluma umuntu amtshele kwezikabhoqo, kudlulwe kuyona, engawabambi amagqubu.
Futhi ubengumuntu onesandla esikhululekile, ephana. Ngikhumbula nje nami kunesikhathi lapho engangisebenzi khona, kodwa wayekwazi ukuthengela izingane zami iyunifomu yesikole.”
Echaza ngokujoyina kukaJoel kuMaZulu, uthi walandwa wuRichard “Richman” Ngubane owayeyinkakha yaMaZulu nowayefundisa eMzuvele High, KwaMashu, eqeqesha iqembu lebhola kulesi sikole.
“Wamthatha wathi abaye ejimini, kanti uyomjimisa naMaZulu engazi. Babe sebembona kanjalo-ke abaqeqeshi baMaZulu, abangachitha sikhathi bamsayinisa eneminyaka engu-16 ngo-1978 esafunda eMzuvele.”
UFaya owayeyinkalimeva yomdlali wasophondweni lwesokudla owayenejubane eliyisimanga eshaya namagoli, udlale kuMaZulu isikhathi eside kusukela ngo-78, wagaxa amakhokho emgibeni ngo-1992 okuwunyaka leli qembu elanqoba ngawo indebe yeCoca-Cola Cup.
Wabe esesebenza ezinhlakeni zaleli qembu zabadlali abasathuthukiswa kwaze kwaba ngu-2015.
Ushiye emhlabeni unkosikazi wakhe, uKaMajola, amadodakazi amabili, nendodana.