IMPELASONTO obekumele kube ngeyenjabulo kuhlanganiswa imindeni emibili, iphenduke eyezinyembezi kushona obengumgadli waMaZulu FC, uBongi “Mdeva” Ntuli.
Izindaba zokushona kukaNtuli (32) ziqinisekiswe iqembu lakhe, Usuthu ngesitatimende esikhishwe ngeSonto ntambama.
“Inhliziyo iyaqaqamba njengoba sinazisa ngokudlula emhlabeni ngokuzuma komgadli wethu esimthandayo futhi osisebenzele ngokwethembeka, uBongi Ntuli,” kusho isitatimende seqembu.
Siqhubeka, kuthiwa uNtuli kutholwe ukuthi unomdlavuza (ongachazwanga) obese usabalale nakwezinye izingxenye zomzimba “okuyikhona okuholele ekutheni ashone eMidlands Medical Centre Private Hospital, eMgungundlovu ntambama ngeSonto”.
UNtuli ubesanda ukuba nomshado omhlophe ngoSepthemba, noSinenjabulo Zungu oyindodakazi kamengameli woSuthu, uSandile Zungu.
Isolezwe lithole ukuthi bekumele umalokazane ahambise umabo emzini kule mpelasonto ekuphunywa kuyona. Izimemo bese ziphumile, zibhalwe uNovemba 5.
Ngemuva kokusabalala nokuqinisekiswa ngokushona kukaNtuli, kube wubumaye-maye ezinkundleni zokuxhumana ozakwabo endimeni kanobhutshuzwayo bekhala.
ULunga Sokhela oke waba yisikhulu esiphezulu kuMaZulu ngaphambi kokuthi lithengwe abakwaZungu, ubhale ekhasini lakhe likaTwitter (X), wathi: "Ngibuhlungu ngoNtuli! Le bekuyinsizwa ongathembela kuyona."
Lo mbhalo ubungaphansi kwesithombe sakhe nalo mdlali mhla emsayinisa Osuthwini eminyakeni ecela kweyishumi edlule.
UMafa Zuma ongomunye wabaqeqeshi abadumile eThekwini namaphethelo obesondelene kakhulu nalo mgadli oke wagijima kwiLamontville Golden Arrows, Mamelodi Sundowns Platinum Stars neCape Umoya, ukhale wathi: "Bengingazi ukuthi ngokufaka lesi sithombe (bebonke noNtuli nabanye esekwi-Arrows) ngeledlule sengiyakuvalelisa mfowethu. Kodwa Mdeva usenzani?"
USomila Ntsundwana weRichards Bay FC noTrevor Mathiane, oke waba ukaputeni we-Arrows ngesikhathi uNtuli esekuyona, nabo bazwakalise okwabo ukudabuka.
"Ulale kahle mfowethu Bongi," ubhale kanje uMathiane.
UNtsundwana waphanyeka isithombe sakhe noNtuli besemotweni wabhala ukuthi: "Ngiyabonga ngakho konke mngani wami."
UNtuli uyohlala esemlandweni woSuthu ngokuluhola njengesibani eluhlenga ezembeni ngesizini ka-2019/2020.
Ngaleyo sizini, uNtuli washayela leli qembu amagoli angu-13 kwengu-20, agcina elisiza ukuba lugweme izembe.
UNtuli wanikwa uMuhsin Ertugral ithuba lokuqala esigabeni esikhulu ngo-2012 esekwiGolden Arrows.